EzakamuvaIbholaiNedbank Cup

Zwane: Ukuzenzela kweKaizer Chiefs kwiPirates kwidabhi akusho lutho

By Sbongs Gumbi

Emidlalweni emihlanu edlule yezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs izenzele umathanda kwi-Orlando Pirates, ivulela isibhaxu. 

Kodwa lokho akusho lutho futhi ngeke kusize ngalutho uma lamaqembu esekhiphana inkani emdlalweni weNedbank Cup. 

IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bazogadulisana eFNB Stadium emdlalweni owandulela owamanqamu kulo mqhudelwano. 

“Uyazi ebholeni ngeke uthembele kokwenzekile kwadlula,” kusho umqeqeshi weChiefs u-Arthur Zwane. 

“Impela sayiqnoba leyo midlalo. Kungenxa yendlela esasizilungiselele ngayo – sasenze kahle. 

“Kodwa nomqeqeshi wePirates (uJose Riveiro) ukushilo ukuthi sekungenye i-Orlando Pirates le esizodlala nayo. Kodwa ke sobona sekwenzeka.” 

IKaizer Chiefs seyivele isishaye kuyo yomibili imidlalo yeligi kule sizini iPirates. 

Kowokuqala, kwaba yigoli likaYusu Maart owadedela ishodi engale kwesenta, lafica uSiyabonga Mpontshane esavakashe kwamakhelwane, lakhala enethini. 

Yize kwakuyiPirates eyayiphethe umdlalo, kodwa kwaba yiChiefs ephuma igiya kulowo mdlalo. 

Nakowesibili kuphinde kwaba yiso leso. U-Olisa Ndah wathi uphasela unozinti wakhe uSipho Chaine, naye lamfica engekho endaweni yakhe ibhola. 

“Imidlalo efana nalona ihlezi inzima ngoba ngeke uze wazi kuzokwenzakalani. “IPirates idlala kahle kulezi zinsuku futhi thina asibhekiwe ekwenzeni kahle kulo mdlalo. 

“Kodwa iKaizer Chiefs izoya eFNB Stadium kuduma into eyodwa ekhanda… Sizobe siyolwa sifuan ukunqoba. 

“Besilokhu sivutha sibuye sicime kule sizini kodwa abadlali bayakwazi okulindeleke kubo kulo mdlalo.” 

Nokho into ebalalisa obenyoni abalandeli beZimpofana wukuthi leli qembu libuye lenze amaphutha amabi emuva. 

Kodwa ke uZwane yena akazixaki ngawo ngoba uthi yinto yakhona ebholeni abazamayo nokho ukuyigwema. 

FUNDA NALA: Ingene kanjani iRichards Bay ezembeni yayiqale kahle kanje?

“Sesidlulile emaphutheni esiwenze emidlalweni edlule. Kuke kwanesikhathi la bese sithi sesiwalungisile amaphutha. 

“Kodwa ke nakhu namanje asabuye avele. Ngakho into okumele siyenze manje wukugxila emdlalweni ozayo, sikhohlwe osekudlule ngoba ngeke kusasisiza.”