UVeronica Phewa uphosela iChiefs nePirates inselelo
Alfred Ngubane
Owayeyisihlabani seBanyana Banyana, uVeronica Phewa usekhumbuze i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi basungule amaqembu amantombazane.
UVeronica Phewa ukholwa wukuthi ukungena kwalezi zinkunzi zaseSoweto kwiHollywoodbets Super League kungayiqinisa kakhulu.
“Lokho kungaba yigugu kithina ngoba singaqala sibone umdlalo womkhaya wamantombazane, kwenyuke isasasa lale midlalo,” kusho uVeronica Phewa.
“Angingabazi ukuthi lokhu kungadonsa abalandeli abaningi nabaxhasi ngokunjalo.”
Njnegamanje yiMamelodi Sundowns enqembu lamantombazane kulawa athathwa ngamakhulu kuleli.
Selokhu yasungulwa ke le ligi iSundowns iyazenzela, kodwa uVeronica Phewa ubona ukungena kwPirates neChiefs kungalinyusa izinga.
“Kungakhulisa ngokukhulu ukushesha ibhola labesifazane. Angisho ukuthi ngithini ngeMamelodi Sundowns Ladies…
“Yebo iliphakamisile izinga kodwa uma ingekho iChiefs nePirates kusuke kungaphelelanga ngoba bangamaqembu amakhulu.
“Ngiyabona abadlali bethu bavuleleke amathuba amaningi naphesheya kwezilwandle ngenxa yale ligi.
“Kodwa ngingathokoza uma namaqembu afana naMaZulu FC, Cape Town City, SuperSport United nabo bengangena ebholeni lamantombazane.”
Njengamanje emaqenjini eDStv Premiership yiSundowns neTS Galaxy kuphela abanamaqembu abesifazane adlala kwiSuper League.
Uthi ukuvulwa kwamaqembu amaningi abesifazane kungavulela nabaqeqeshi besifazane amathuba.
“Nginokubuka ukuthi lamaqembu amakhulu anokudembesela ukuvula amaqembu abesifazane kodwa uma engakwenza lokho nathi singaqala siqeqeshe abadlali emalokishini nasemakhaya.”
UVeronica Phewa, owaduma kwiDurban Ladies, ukhuluma kanjena nje kumanje iPirates iphoqelekile ukuthi ibe neqembu lamantobazane ukuze idlale kwiCaf Champions League.
FUNDA NALA: Igejile iMarumo Gallants ifuna isitifiketi seleDStv Premiership
Kukholakala ukuthi icele ukusebenzisana nenye yamaNyuvesi asegoli ukuthi ibafake ngaphansi kwekhwapha layo ukuze idlale kulo mqhudelwano.
ISekhukhune United neSuperSport abazodlala kwiCaf Confederation Cup nabo kumele babe nawo amaqembu amantombazane angaphansi kwabo.