EzakamuvaIbhola

IChiefs nePirates bakhiwe ngesisekelo esiqinile, yize beshaya udaka

Ukucanasa kweMamelodi Sundowns kwiDStv Premiership yinto engangatshazwa, futhi kusobala njengayo impahla yembuzi.

AmaSandawana asekhombise ukudlondlobala okukhulu kumasizini edlule ewina isicoco seligi ephindelela. 

Kwamanye amasizini kuthi kuqambe kuyodlalwa imidlalo yokugcina yeligi kube sekwaziwa vele ukuthi isicoco siya eChloorkop.

Lokhu kushiya imibuzo ngokuthi yini eyenziwa abaphathi beKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ukuqinisekisa ukuthi iSundowns ayizenzeli nje umathanda kulula. 

Kuyimanje leli qembu elicijwa uRulani Mokwena lihamba phambili ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-11. 

Njengoba lingakashaywa kule sizini, kubukeka lizophinde lithathe isicoco seligi okwesikhombisa kulandelana okuyinto eyirekhodi elikhulu eNingizimu Afrika.

Kukho konke lokhu kumele kunconywe abalandeli beChiefs nePirates, abenza isithunzi sala maqembu aseSoweto singehli nakancane. 

Ngenxa yokungenzi kahle kwala maqembu kufanele ngabe uma edlala kuvele kukhale ibhungane enkundleni.

Nokho akwenzeki lokho futhi womabili la maqembu asekhombisile ukuthi ayohlale emakhulu emlandweni webhola laseMzansi – noma engabhacaza kanjani.

Isibonelo esilula nje ukuthi kuvele kwaphela ngesasasa leCarling Knockout Cup ngemuva kokuthi iChiefs nePirates bephumile kulo mqhudelwano. 

Kuyimanje kukhona nasebekhohliwe ukuthi ngoMgqibelo kuzobe kudlalwa owamanqamu weCarling Knockout phakathi kweStellenbosch FC neTS Galaxy, eMoses Mabhida Stadium.

Ukungabi khona kweChiefs nePirates kudala isibhocobhoco

Angichazi kona ukuthi ngabe awukho umehluko ukube iSundowns ikhona kowamanqamu. 

Engikwaziyo kodwa ukuthi abaxhasi iCarling Black Label, nakanjani bafa olwembiza ngokuphuma kwezinkunzi zaseSoweto kulo mqhudelwano abawuxhasa okokuqala.

Iqiniso ukuthi iChiefs nePirates bawabumbe aqina ngqi amagama abo, base bezokuba nesisekelo sabalandeli abawathanda ngezinhliziyo zabo zonke. 

Lokho kuyinto ongeke uyishintshe futhi ngeke uwemuke la maqembu udumo lwawo alusebenzele kanzima iminyaka.

Ukungabi khona kweChiefs nePirates emqhudelwaneni othile kuletha isibhocobhoco kubalandeli abathanda ukuklolodelana ngamaqembu abo. 

Kuyimanje ngabe basho okuningi ezinkundleni zokuxhumana ukube ngoMgqibelo kuzobe kudlala iChiefs nePirates.

Le nto yokuthanda iqembu uyayibona nakwiManchester United yase-England. 

Indlela ebhacaza ngayo kulezi zinsuku ungaze ulindele ukuthi abalandeli bayo bazoyiduba ngesinye isikhathi. 

Phinde, khohlwa ngampela nje, ngeke ukubone lokho, bafa nalo iqembu labo.

Impumelelo nokudlondlobala kweSundowns ngeke kuthathwe kancane. 

Maningi amarekhodi asebewaphoqozile futhi basaqhubeka nokwenza lokho.

Kodwa okweChiefs nePirates kuhlukile kakhulu. 

Kufana nothando lukamakoti owendela endodeni eyisidakwa kodwa ayithanda ukufa.

Asho ngeqholo athi ‘lona yindoda yami, ubaba wabantwana bami.’

Kunye nje vo okumele kwenziwe yiChiefs nePirates. 

Ukuthi bakhumbule ukuthi kunabantu ababathanda ukufa, ngakho kumele babhukule.

Kungcono okweBucs ngoba zikhona nezindebe eziwinile maduze – okweChiefs kubi kakhulu.

Azisukume izinkunzi zaseSoweto zihlangabeze uthando oluyizindathane olukhonjiswa abalandeli bazo.