EzakamuvaIbhola

Sekumele sibambe umgqigqo, kusho iqhawe leChiefs uPule Mmodi

Sihle Ngubo

UPule Mmodi uhlale kwiLamontville Golden Arrows engasafuni, imvimbela ukuthi ajoyine iKaizer Chiefs kumasizini edlule.

Lo mdlali kudala amataniswa naMakhosi kodwa bekuvela ukuthi abaphathi be-Arrows bebefuna aye kwi-Orlando Pirates. 

Kuyaziwa vele ukuthi abubuhle ubedlelwane phakathi kweChiefs naBafana Bes’thende.

Nokho uPule Mmodi ushaye phansi ngonyawo wathi akayi kwiPirates. Ulindile inkontileka yakhe yaze yasalelwa izinyanga eziyisithupha wase esayina kwiChiefs.

Ngesikhathi esayina kuMakhosi ufihlele ngisho imenenja yakhe, nokukhombisayo ukuthi ubengafuni lutho ezoma endleni yakhe ebheke eNaturena.

NgoMgqibelo uMmodi uzifake ezinhliziyweni zabalandeli beChiefs eshaya amagoli amabili bedla AmaZulu FC ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium.

Akungabazeki ukuthi uzizwa ethokozile ngokufeza iphupho lakhe leminyaka lokudlalela iqembu alithandayo iChiefs.

UPule Mmodi ubukeka exhumana kahle noTsepo Potsane noDu Preez uma behlasela phambili. Uma eqhubeka nefomu yakhe aseza amanye amagoli.

“La maphuzu amathathu azosisiza ukunyusa ukuzethemba,” usho kanje uPule Mmodi ngemuva kwalo mdlalo. 

“Besinengcindezi eyisimanga ngaphambi kwalo mdlalo, kodwa ngicabanga ukuthi lokhu kunqoba kuzoyehlisa. 

“Kuzosisiza ukuthi siye emdlaweni weMTN8 la sizobhekana khona neMamelodi Sundowns sinomgqigqo.

“Ngijabule ngokuthi yimi oshaye amagoli amabili. Bengilokhu ngizama ukungena ebhokisini futhi kulokhu ngibe nenhlanhla. 

“Umqeqeshi usitshele ukuthi asikhombise ukulwa nokuthi sizimisele kanjani ukusebenzela kulo mdlalo,” kwengeza lo mdlali. 

Ukuze lo mgqigqo akhuluma ngawo uMmodi ungalahleki, kuzomele baqhubeke nokunqoba uma sebebhekene neStellenbosch FC ngoLwesithathu. 

FUNDA NALA: IGallants imnike ithemba uPitso Dladla ibambana neCasric

Lamaqembu azogadulisana emdlalweni weligi e-Athlone Stadium ngaphambi kokujike imiqondo kwiMTN8 la bezobhekana khona neSundowns.