Okusha ngoKhama Billiat neChiefs kuthiwa wayengayizwa kahle
UKhama Billiat wayevele engayizwa kahle indaba yokuya kwiKaizer Chiefs ngesikhathi esuka kwiMamelodi Sundowns ngo-2018.
Kuvela ukuthi kwadingeka ancengwe lo mdlali ukuthi agcine evumile ukujoyina leli qembu laseNaturena.
Ngesikhathi esuka kwiSundowns, uKhama Billiat wayeyinyama emaqenjini ehluleke okukhona kuwo amabili akuleli.
Ngokubika kweSNL24, kukhona namaqembu aseTurkey ayemfuna lo mdlali futhi naye wayezimisele ngokuya phesheya.
Kodwa kuthiwa wancengwa ke, kwasiza nokuthi okwakubekwe yiChiefs etafuleni kwakukuhle kakhulu ukuthi engakushalazela.
Kuzokhumbuleka ukuthi uWillard Katsande, obedlala kwiChiefs nongumkhaya kaKhama Billiat, waba nesandla ekutheni agcine edlale kwiChiefs.
UKatsande uke wakuveza ukuthi waya kubokaKhama Billiat ethunywe uBobby Motaung ukuba ayokhuluma naye, amncenge.
UKhama wayevele engafuni ukuya kwiChiefs futhi kwadingeka ancengwe
Lokho kwaphetha ngokuthi lesi sikhwishikhwishi esasesihlale kwiSundowns amazini amahlanu sivume ukuya kwiChiefs.
Kodwa ngemuva kwamasizini amahlanu, uze washiya khona enganqobanga nesisodwa isicoco.
Uhambe ekuqaleni kwale sizini engazange esavalelisa ngemuva kokuthi iChiefs izame ukumehlisela imali ifuna ukumelulela inkontileka ngonyaka owodwa.
Kodwa manje umthombo weSNL24 uveza ukuthi wayevele engayizwa nje indaba yeChiefs kwasekuqaleni.
“UKhama wayevele engafuni ukuya kwiChiefs futhi kwadingeka ancengwe ukuthi agcine eyile kuyo,” kusho lo mthombo.
“Wayenezinye izinhlelo futhi efuna ukuya phesheya kwezilwandle ngesikhathi eshiye kwiSundowns.
“Kodwa iChiefs yambekela imali ebhekile etafuleni, okwaba nzima ukuthi engayiziba.
“Kwakubalulekile ke ukuthi acetshiswe ngendlela efanele ukuze agcine ethathe isinqumo esifanele.
FUNDA NALA: UKhenyeza uphumela obala ‘ngokungahlaliseki’ kwi-Arrows
“Bamcebisa ukuthi ashintshe umqondo futhi lokho babekwenzela ukusiza yena,” kuchaza lo mthombo.

