Ucele ukukhululwa yiPirates umdlali obethandwa abalandeli
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates FC seyiqinisekise ukuthi seligqabukile igoda phakathi kwayo nomdlali wasemuva, odabuka eNigeria, u-Olisah Ndah.
Kuvela ukuthi lo mdlali uyena ocele ukukhululwa kwinkontileka yakhe, okuyisinqumo asithathe ngemuva kwezingxoxo ezinde phakathi kwakhe neqembu.
Ngokusho kwesitatimende sePirates, into obekugxilwe kuyona kulezi zingxoxo ukubaluleka kokuthi uNdah athole ithuba lokudlala kwenye indawo, ngoba usengena kwelinye izinga empilweni yakhe yebhola.
UNdah, oneminyaka engu-28, ujoyine iBucs ngo-2021, wafike wayenza eyakhe indawo, emuva maphakathi.
Kuleli qembu udlale imidlalo engu-80 futhi ubelwenza luqine njengokhonkolo udonga lweZimnyama
“Iqembu liyasihlonipha isifiso sikaNdah sakuthola imizuzu ethe xaxa enkundleni, futhi liyakuncoma ukuphumela kwakhe obala akukhulume ngalokho nabaphathi beqembu,” kusho isitatimende sePirates.
“Kube yilesi sizathu sokuhloniphana esenze kwafinyelelwa ngomoya omuhle esivumelwaneni.
“I-Orlando Pirates Football Club ithanda ukubonga u-Olisa ngokuziphathisa okomdlali webhola elikhokhayo, nakho konke akwenzele iqembu.
“Simfisela konke okuhle njengoba eqala isehluko esisha empilweni yakhe, ezintweni ezithinta yena uqobo nohambo lwakhe kunobhutshuzwayo.”
Ngesizini edlule uNdah ubehlushwa kakhulu ukulimala, nokuyinto eze yaphoqa ukuthi kunyuswe uMbekezeli Mbokazi, esuka kwiDStv Diski Challenge (DDC).
Ukulimala kwalo mdlali waseNigeria kwenze walahlekelwa yindawo yakhe kwiPirates, okuyinto eqhubekile noma esehambile uMbokazi, osedlala kwiChicago Fire, yase-USA.
UNdah ungomunye wabadlali abebegqoka ibhande kwiPirates futhi ukudlala kahle kwakhe emuva, kumenze wathandwa kakhulu abalandeli.

