UMosimane engabuyela kwiSundowns? Uyaziphendulela…
UPitso Mosimane usephumele obala ngokuthi engabuyela yini ekuqeqesheni iMamelodi Sundowns esikhathini esizayo.
UMosimane washiya iSundowns eminyakeni emine edlule evunyelwe wumengameli weqembu uPatrice Motsepe kodwa izinto zabuye zabamuncu phakathi kwakhe nabaqashi bakhe bakudala.
ISundowns yamfaka enkantolo ukuze abuyise imali eyamkhokhela yona ngesikhathi esayina inkontileka entsha.
Le mali ibalelwa ku-R8 million. ISundowns yamsola ngokwephula isivumelwano uMosimane ngokushiya esaqede izinyanga ezine eqale inkontileka entsha.
Wayesanda kusayina isivumelwano esisha naleli qembu ngesikhathi i-Al Ahly ifika ingqongqoza wagxumela phezulu ethola ithuba lokukhula ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.
Ngesikhathi enengxoxo ohlelweni lweKhaya FM olwethulwa uT-Bose Mokwele kuleli sonto, uMosimane uphawule ngezinto eziningi ngempilo yakhe.
Ebuzwa ngokubuyela kwiSundowns, uveze ukuthi ukholwa wukuthi leli qembu alimdingi okwamanje.
Uzwakalise ukuyethemba okukhulu nokuthi uyakholelwa kuleli qembu, wathi sekuseduze linqobe iCaf Champions League.
“Yebo kungenzeka (ukuthi abuyele), kodwa okwamnje angibheile ukuthi iSundowns ingishayele ucingo ngoba yenza kahle kakhulu,” kuphendula uMosimane.
Ngokubona kwakhe, into osekumele iSundowns ibe iqala ukuyilungiselela wukuyodlala eNdebeni yoMhlaba yamaqembu.
“Iyini iphrojekthi elandelayo? Mhlawumbe iNdebe yoMhlaba (yamaqembu), yebo, kodwa ngicabanga ukuthi bazoyiwina (iSundowns) iChampions League futhi baseduze nayo.
“Isimo sabo sifana neseMan City. Yebo. Kade babezama, bezama, bazoyinqoba.
“Ekugcineni, bazowunqoba lo mqhudelwano futhi basendleleni efanele.
“Futhi bazoya kwiNdebe yoMhlaba (yamaqembu). Sike saya eNdebeni yoMhlaba (yamaqembu) phambilini futhi bazokuphinda lokho.
FUNDA NALA: Okusha ngoKhama Billiat neChiefs kuthiwa wayengayizwa kahle
“Kodwa ngisebenzela noma ngubani onombono. Ngifuna ukuvuka ngijabulele ukuya emsebenzini. Yimi lowo.”

