EzakamuvaIbhola

UMasango uveza okuvulele isihlava sophuzo kwiKaizer Chiefs

UMandla Masango, owazakhela igama kwiKaizer Chiefs, usola ukuhlehliswa kwezinkakha zeqembu ngokudlebeleka kwabadlali kuleli qembu.

IKaizer Chiefs ibhekene nenkinga yabadlali abangakwazi ukuziphatha ngendlela ekhombisa ukuhlonipha iqembu nomsebenzi wabo kule minyaka embalwa edlule.

Sebebaningi abadlali abaxoshelwe uphuzo kuleli qembu laseNaturena kusukela ko-Emmanuel Letlotlo kuya kuDumisani Zuma. 

Muva nje leli qembu belimise uMduduzi Mdantsane ngoba ahluleka ukuzibamba, wabuhlaba phambi kwabaphathi emcimbini weqembu.

Kumanje umdlali osehlale isikhathi eside ukwedlula bonke emlandweni weqembu, u-Itumeleng Khune umisiwe.

Yena ke wafika ejimini enuka phu amankwebevu, kwathi uma behlolwa kwatholakala ukuthi bugcwele igazi utshwala. 

Engxoxweni abe nayo neMpempe kuleli viki, uMasango uveze into athi iyona evulele lesi sihlava kwiChiefs. 

“Ngezikhathi zethu kwiKaizer Chiefs, abadlali bakudala beqembu bebefaka inhlonipho kubadlali abasencane,” kusho yena.

“Ngicabanga ukuthi ukuhlehla kwabo eqenjini kudale umonakalo, kwavulela isihlava sophuzo kubadlali.

“Ngesikhathi mina ngidlala eqenjini kwiChiefs, abantu abanjengo-Arthue Zwane noCyril Nzama babesiluleka ukuthi kumele siziphathe kanjani ngaphandle kwenkundla.”

Kusanda kuvela nokuthi ngesikhathi sika-Ernst Middendorp kuleli qembu eminyakeni embalwa edlule, uphuzo beludla lubi.

Kuvela ukuthi nesicoco seligi silahleka nje yingoba kunabadlali ababefika ekhempini yeqembu beziqhubela imbuzi.