UChabangu ubalisa ngosizi nokuba yinhlekisa emphakathini
SIHLE NGUBO
Ukhala ngokuqhathanisa usizi nokuba yinhlekisa emphakathini uLerato “Ace” Chabangu owayeyisilomo seBafana Bafana namaqembu ehlukene.
Lo mgadli owazakhela igama kwiMamelodi Sundowns, yiSuperSport United neMoroka Swallows, useveze ukuthi ngemuva kokugaxa amakhokho emgibeni izinto azihambi neze kahle, futhi uselahlekelwe yikho konke.
“Ziningi kakhulu izinto esezingilahlekele,” kubalisa uChabangu.
“Ngathengela umama umuzi kodwa usungilahlekele, ngilahlekelwe yikho konke nje.
“Anginawo ngisho amakhokho ebhola kumanje, anginazo izingubo ongathi zingikhumbuza izikhathi ezedlule.
“Into enginayo izindebe kodwa kuningi kakhulu okungilahlekele. Abantu bangasho abakuthandayo ngami kodwa ngiyancenga.
“Umama wami akanayo indawo ayibiza ngekhaya, umnewethu akwaziwa ukuziphi izinkalo.
“Ngihlala endlini yomndeni futhi angazi ukuthi izingane zami zikuphi. Kubuhlungu.”
UChabangu uthe uyinhlekisa emphakathini akhulele kuwona.
“Kunzima kakhulu kodwa ngibonga uMdali ngokuthi ngisaphila futhi sengifunde lukhulu.
“Sonke sidonsa kanzima kodwa kumele sibonge ukuthi impilo iyaqhubeka.
“Uma kade ujwayele ukuthola iholo bese kuvele kome kungasabi khona lutho, kuba nzima.
“Umndeni ulindele ukuthi kukhona ozokwenza ekhaya kodwa ayikho imali engenayo.
“Baphoxekile ngoba igama loChabangu beliphezulu kodwa manje liyinhlekisa.”
UChabangu ungomunye wabadlali abasolwa kakhulu ngokuthi bebegxila ezinkambeni zikaFaro.
Akulula ukusho ukuthi izinto zakhe ziphelele emoyeni kanjani njengoba naye engachazi okuningi ngaphandle kokuthi useyahlupheka.
FUNDA NALA: UMasango uveza okuvulele isihlava sophuzo kwiKaizer Chiefs
UChabangu wadlala emaqenjini amakhulu kuleli okuyiMamelodi Sundowns neMoroka Swallows kodwa waxoshwa ngenxa yokuhlupha.

