EzakamuvaIbhola

Umqeqeshi ucelela uNabi abadlali kwiChiefs

Umqeqeshi weYoung Africans, uMiguel Gamondi, usecele abeKaizer Chiefs ukuthi basize umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi ngokumlethela abadlali abasezingeni eliphezulu.

IChiefs yembuleke izinqe ishaywa yiYanga ngo 4-0 emdlalweni weToyota Cup eBloemfontein ngempelasonto edlule. Lokhu kushiye imibuzo ngabadlali enabo nokuthi yibaphi ezogcina ibasayinisile.

Ngokusho kukaJessica Motaung oyiMarketing Director yeChiefs, noKaizer Motaung Junior oyiSporting Director, iChiefs kukhona abadlali ekhuluma nabo ngasese ukuthi ibasayinise kungakaqali isizini. Njengamanje iqembu liseBotswana lapho liyoqedela khona amalungiselelo esizini entsha.

“Ngeke ube yiqembu elikhulu nje ngokuphazima kweso. Ngokwami kwiChiefs kulindeleke okukhulu kakhulu. Ngihlale ngithi ebholeni udinga abadlali, ngisho noPep Guardiola uthi impumelelo yakhe kwiBayern Munich, yiBarcelona neManchester City, imayelana nabadlali,” kusho uGamondi.

“Akulula kodwa udinga ukuba nabadlali abanamava. Ngicabanga ukuthi namuhla iChiefs ifake abadlali abane noma abahlanu abasebancane. Kodwa ngeke ulindele ukunqoba ezingeni eliphezulu ngabadlali abasebancane abangenawo amava.”

IChiefs kuvela ukuthi ingase isayinise uGaston Sirino phakathi kwabadlali ekhuluma nabo. Lo mdlali usanda kudedelwa yiMamelodi Sundowns.

“Angigxeki izinga leKaizer Chiefs kodwa ngokwami iqembu elikhulu kunzima ukulilawula ngokwabadlali nalokho okulindelekile. Uyazama ukwenza lokho okulindelekile, ngemuva kwalokho kumele ukhombise enkundleni futhi akukho ukubika imbiba nebuzi,” kusho uGamondi.

“Kodwa ngikhulumile nomqeqeshi uNabi ngamgqugquzela. Mkhulu umsebenzi okusamele wenziwe kodwa ngicabanga ukuthi uma ufuna ukuncintisana namaqembu afana neMamelodi Sundowns, yi-Orlando Pirates neCape Town City, kumele ubhukule kakhulu.

“Akulula, abaqeqeshi bangasebenza enkundleni isonto lonke kodwa uma ungenabo abadlali abasezingeni eliphezulu kuzoba nzima.”