EzakamuvaIbhola

UNahayo ‘uthethisa’ uKhune ngokuba yisibonelo esibi

UValery Nahayo, owayengumdlali weKaizer Chiefs wasemuva phambilini, uthi uphoxeke kakhulu ukuzwa u-Itumeleng Khune wafika ejimini enotshwala egazini.

UKhune usanda kumiswa kuleli qembu kulandela lesi sigameko kanti iqembu limbekele izinhlelo zokuzama ukulungisa le ndaba yotshwala.

Kuzomele aphothule lezi zinhlelo ngaphambi kokuthi abuyele eqenjini asehlale kulo iminyaka engu-20 okuwumlando. 

UNahayo, ongowaseBurundi ngokuzalwa futhi owafika kwiChiefs esuka kwiJomo Cosmos, useveze imizwa yakhe ngalendaba kaKhune.

Kuyacaca ukuthi ukube useduze noKhune, ubeyombiza azomthethisa ngendlela abezwakala emcika ngayo lento ayenzile.

“UKhune mdala ebholeni elikhokhelayo ukuthi engenza into enjena,” kusho le nsizwa eyayidle ngethambo nokuqinisa unyawo uma imaka.

“Kumele ngabe nguyena oqondisa izingane, ungumholi onjani ofundisa abadlali abancane indlela yobumnyama?

“Kumanje sikhala ngesomiso sezindebe kwiKaizer Chiefs, kodwa khona abantu abangabaholi abasashona eweni…

“Siyonqoba nini? Bayahebezwa ematshwaleni pho singalindelani ngalabo bantu?,” kumangala uNahayo.

Uthe ngezikhathi zabo babenabadlali asebebadala abaqotho, ababengazenzi izinto ezibheke eceleni, begqugquzela ukuziphatha kahle.  

“Mina ngaze ngahamba kwiKaizer Chiefs nginabaholi abaqotho abafana noCyril Nzama noPatrick Mabedi.

“Sanqoba izindebe eziningi ngoba umsebenzi sasiwuthanda, sihlonipha igama leKaizer Chiefs,” kuphetha uNahayo. 

Nomunye umdlali wakudala kwiChiefs, uMandla Masango ukhale ngokushoda kwabaholi abaqotho kuleli qembu.

Yena usole ukuqheliswa kwezinkakha eqenjini okungabe yizo ezikhuluma nabadlali, zibakhalime lapho kufanele khona. 

Akuyena ke yedwa uKhune obonakala enenkinga yezinkamba zikaFaro kwiChiefs njengoba noMduduzi Mdantsane esanda kubuya ekumisweni ngecala lawo amambawu.

Nakumasizini edlule baningi abadlali abaxoshelwe wona amambawu kuleli qembu okukhona kubo oDumisani Zuma noSiphelele Ntshangase.