EzakamuvaIbhola

Ubuyela ‘ekhaya’ u-Austin Dube ngemuva kokuhluleka kwiChiefs

Sihle Ngubo

U-Austin Dube obekwiKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi abuyele eqenjini eyamlanda kulona iRichards Bay FC maduze nje.

Lo mdlali, oyinxele elidlala maphakathi nenkundla emuva, ukuthole kunzima ukuthola isikimu kwiChiefs kula masizini amabili ekuyona. 

Ngokomthombo ongaphakathi kwiRichards Bay bazokujabulela ukwamukela indodana yolahleko u-Austin Dube njengoba nabo bakha kabusha iqembu.

Leli qembu laseMhlathuze lisinde kancane ezembeni ngesizini edlule nokwenze ukuthi lenze izinguquko ezinqala kumbandakanya nokuxosha bonke abaqeqeshi abathathu abebekhona. 

Ngasohlangothini lwaMakhosi kulindeleke aqhubeke nokudedela abanye abadlali njengoba ekhuculula ukuze alande abadlali abasha. 

IChiefs ivele seyidedele u-Erick Mathoho noPhathu Nange, njengoba kuvela ukuthi u-Austin Dube naye ubuyela eRichards Bay.

Bakhona abanye abadlali abangase bahambe okubalwa kubona uCole Alexander, uNjabulo Ngcobo, uGeorge Matlou, noCaleb Bimenyimana. 

Ngeledlule imemezele ukuthi noSiyabonga Ngezana uyahamba njengoba edayiselwe iqembu laseRomania iFC SB. 

Leli qembu kulindelwe limemezele nabadlali abasha okukhona kubo izitobha ezimbili uGiven Msimango noThatayaone Dithlokwe

Nasebhentshini leChiefs kungase kube noshintsho njengoba ishela umqeqeshi waseTunisia uNasreddine Nabi. 

Umqeqeshi okhona u-Arthur Zwane akucaci noma uphephile yini umsebenzi wakhe eNaturena.

FUNDA NALA: Isibethulile i-Orlando Pirates abadlali bayo abasha

IChiefs ibuyele ekuziqeqesheni ngoLwesine olwedlule, kanti sesivele kaningi izithombe abadlali bayo begqoke ijezi elisha leKappa bezicija. 

Kusalindelwe ukuthi iChiefs yethule ngokusemthethweni iKappa njengoba isanda kuhlukana neNike.