URamovic uncoma iSafa ngomthetho omusha ngabaqeqeshi
ALFRED NGUBANE
Umqeqeshi weTS Galaxy, u Sead Ramovic uncome iqhaza elimqoka elibanjwe yiSafa ekuthuthukiseni abaqeqeshi bakuleli.
ISafa isanda kumemezela ukuthi kusukela ngesizini ezayo, bonke abaqeqeshi abasebenza kuzo zonke izigaba kuleli kumele babe nezitifiketi zalo msebenzi.
Lezi zitifiketi zizodingeka ngaphambi kokuba umqeqeshi avunyelwe ukuhlala ebhentshini ngokwehlukana kwamazinga.
USead Ramovic, oneziqu ze-Uefa Pro License, ungomunye wabakade bekufisa lokhu ngoba ethi kuyasiza kakhulu ukuba ngumqeqeshi onolwazi.
Usanda kukhala ngakho kade ekhuluma ngoLehlohonolo Mojela ukuthi ngabe ukude nebhola ukuba washeshe wathola ukuqeqeshwa okufanele.
Impempe ivalele lo mqeqeshi ekhoneni, ifuna ukuzwa uvo lwakhe njengoba iSafa seyishaye lo mthetho ngabaqeqeshi nje.
“Lokho kuzosiza kakhulu ukukhuphula izinga ngisho kubafana abaneminyaka engu-21 ngoba bazovuthwa baqonde indlela yokudlalwa kwebhola lo mhlaba,” kusho uSead Ramovic.
Lo mqeqeshi akanqeni ukukhuluma ngento esuke ingamphethe kahle.
Kuzokhumbuleka ukuthi le nhlangano ephethe ibhola lakuleli, isanda kumemezela ukuthi abaqeqeshi bazothola ithuba lokhuphula iziqu zokuqeqesha zeCaf.
URamovic, odabuka eSerbia, wake wagxeka iSafa ngokuyishaya indiva indaba yokuthuthukiswa kweziqu zabaqeqeshi.
“Phambilini le nhlangano yamane yayekelela abaqeqeshi ukubathuthukisa njengoba abaqeqeshi abaningi abanazo iziqu ezidingakalayo zokuqeqesha.
“Ukuba neziqu ezifanele kwabaqeqeshi kungasiza kakhulu nasemazingeni aphansi ukuthi lithuthuke kakhulu ibhola.”
Impempe beyikhuluma naye imcelele eceleni ngemuva komdlalo wezakhe neShttps://impempe.com/2023/12/18/ngabe-sekuphelile-ngogeorge-maluleka-nosuthu/tellenbosch FC eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
Ezakhe ziguqe sekukhahlelwa amaphenathi kulo mdlalo wamanqamu wecarling Knockout Cup.
FUNDA NALA: Ngabe sekuphelile ngoGeorge Maluleka noSuthu?
Usale enelisekile futhi umbongelile nozakwabo uSteve Barker wathi umsebenzi awenza ngabafana abancane kuleli qembu uyabonakala.