EzakamuvaIbhola

ISekhukhune nolunye ushintsho kubaqeqeshi

Akukakapheli zinyanga ezitheni ethathe izintambo kwiDondol Stars, u-Alex Bapela usezojoyina iSekhukhune United. 

Uzoqashwa ukuzothatha isikhundla sokuba ngumqondisi ezokuqeqesha kuleli qembu elinezinhloso ezinkulu. 

“Abantu beSekhukhune United bangabangani bami. Ngihlale ngivakashela iqembu noma nini,” ucashunwe esho kanje uBapela kwiFAR Post. 

Nokho le nsephe eyazakhela igama kwiMamelodi Sundowns nakwiBafana Bafana iphikile ukuthi isijoyine iBabina Noko. 

Kodwa kuthiwa uyadingeka njengoba lei qembu lizihlela kabusha kulandela ukungayuiqali ngendlela ebelifisa ngayo isizini. 

ISekhukhune seyivele ixoshe obengumqeqeshi eqale ngaye isizini, uBrandon Truter njengoba manje sekukhona uLehlohonolo Seema.

UTruter uxoshwe kulandela ukungacaci kokuthi iqembu libhekephi nemiphumela engagculisi neze.

USeema yena ubeyiqale kwiPolokwane City isizini futhi ubenza umsebenzi obonakalayo ngaphambi kokushiya isigubhukane.