UKaizer Motaung uyalila ngoMama kaSibongile
Sihle Ngubo
Usihlalo weKaizer Chiefs uKaizer Motaung uchaze uFrank “Jingles” Pereira njengomuntu obehlale ezihlekela engenabo ubuso obunyukubele.
UKaizer Motaung usho lokhu ngesikhathi ebeka amazwi enduduzo emndenini kaPereira, owayedlalela iChiefs, odlule emhlabeni ngoLwesithathu.
Uthe le nkakha yafika yezwakala kuMakhosi futhi bayohlala beyihlonipha.
“UPareira samlanda kwiCape Town City, kanti ngaleso sikhathi wafika edlala phambili.
“Ngokuhamba kwesikhathi abaqeqeshi base bemshintsha waydlala emuva,” kukhumbula uMotaung.
“Wayengumdlali omuhle kakhulu owawungeke umbone enyukubele ebusweni.
“Ngesizathu esithile engingasazi abalandeli bamqamba igama elithi uMama kaSibongile. Uyabazike nawe abalandeli bayaqambana.”
UPereira ungenye yezinkakha zeChiefs ezazikhona kade igubha iminyaka engu-50.
UKaizer Motaung uthe nakanjani wayengeke asale kubadlali abashiya umsizila obonakalayo kuMakhosi.
“Wayekhona impela futhi njengoba ngishilo uyohlale engumdlali obalulekile emlandweni weqembu. Ubenamancoko kakhulu, ehlale ezihlekela.”
Ube eseduduza umndeni kaPereira waphinde wawubonga ngakho konke okwenzele ibhola laseNingizimu Afrika.
“Sithi umndeni awududuzeke siphinde sisho ukuthi uma sekufike isikhathi sokuthi umuntu adlule emhlabeni, akukho okungenziwa.
“Siyabonga kakhulu emndenini ngokusiboleka yena eqenjini nasebholeni nje lilonke,” kusho uMotaung.
Njengoba kuzoqala imidlalo yeDStv Diski Challenge kuzohlunishwa uPereira ngokuthi kuthulwe kancane ngaphambi kokuthi kuqale yonke imidlalo.
FUNDA NALA: Akusemnandi ku-Olisa Ndah onyisa yisikimu kwiBucs
Kuzokhumbuleka ukuthi imidlalo yeDStv Premiership isamile ngenxa yekhefu leFifa. IChiefs izobhekana neRoyal AM ngoSepthemba 16.