CAF Champions LeagueEzakamuva

UMokoena nenguzunga yegoli iSundowns ishaya iPyramids

Kube yigoli likaTeboho Mokoena elenze umehluko ngesikhathi iMamelodi Sundowns iphendula iPyramids FC iminqolo, iyishayela ekhaya ngoLwesibili kusihlwa.

UTeboho Mokoena udedele inguzunga yeshodi engaphandle kwebhokisi, wezwa ngokuthula kwabalandeli bakhe unozinti wePyramids ukuthi selisenethini.

Leli goli ngomzuzu ka-17 njengoba iSundowns beyihlasela, ikhombisa ukuthi ifuna ukulikweletisa iqembu lasekhaya.

iSundowns beyizidlalela ngokukhululeka sengathi iyona esekhaya kulo mdlalo obuse-30 June Stadium kwelikaFaro. 

Kuphoqeleke ukuthi akhishwe nokho uMokoena ngomzuzu ka-38 kulandela ukulimala kulo mdlalo abewuphethe.

Endaweni yakhe kungene uBongani Zungu wafike waqhubeka la uMokoena ebegcine khona njengoba iSundowns beyiwuphethe umdlalo.

Bekumele kuyiwe ekhefini seyinalo elinye igoli. NePyramids ibingawashaya okungenani amathathu ngenxa yamaphutha eSundowns emuva.

Umdlalo uphele sekuyiPyramids ecindezela kakhulu njengoba beyibona ukuthi iphendulwa iminqolo ekhaya.

Phela leli qembu lenza kahle kakhulu lisePitoli, libamba iSundowns ngo 0-0 singekho isethenjwa somgadli uFiston Mayele. 

Lo mgadli wayengakwazanga ukuza kuleli ngoba engayitholanga incwadi emvumela ukungena eNingizimu Afrika.

Wakhala ke, wasola iSundowns ngokuthi yiyo eqinisekise ukuthi akayitholi le ncwadi ngoba imesaba.

Wayisabisa ngokuthi uzoyidlalisela amakhala filimu uma seyingakubo e-Egypt, kodwa yize ewatholile amathuba, uhluleke wancama. 

Lo mphumela uyigcine iseqhulwini iSundowns kuleli qoqo layo, kodwa inamaphuzu alinganayo neTP Mazembe yaseDR Congo esendaweni yesibili.

IPyramids neNouadhibou nabo banamaphuzu alinganayo endaweni yesithathu neyesine ngokulandelana.

Imidlalo elandelayo seyiyoze idlalwe ngoFebhuwari uma sekubuywa ekhefini leCaf Africa Cup of Nations.

Amasandawana ayobhekana neNouadhibou enkundleni esazomenyezelwa njengoba leli qembu laseMauritania lingayidlaleli ngakubo imidlalo yalo yasekhaya.