AmaZulu afuna umgadli obolekisiwe kwiPirates
Umkhankaso wokufuna umgadli sewuthathe AmaZulu wawabeka eSoweto la exoxisana khona ne-Orlando Pirates ngokuthi iwadedelele umgadli.
Kuvela ukuthi AmaZulu azimisele ukuthola umgadli wePirates, uTshegofatso Mabasa obolekiswe kwelinye iqembu njengamanje.
UMabasa ufike kwezwakala kwiMoroka Swallows la ebolekiswe khona yiPirates njengoba ebengekho ezinhlelweni zomqeqeshi uJose Riveiro.
Lo mgadli owaqala ukuvelela kwiBloemfontein Celtic eminyakeni embalwa edlule useshaye amagoli ayisithupha emidlalweni engu-13 kule sizini.
Kodwa njengoba isimo sezimali simanzonzo nje kwiSwallows, kuvela ukuthi akasahlalisekile kahle.
Yize yena esahola njengoba ingxenye yomholo ikhokhwa yiPirates, kodwa ukuthi ozakwabo abasawazi umholo yinto ehlukumeza wonke umuntu eqenjini.
Ngokuthola kweMpempe, iPirates nayo ivele inezinhlelo zokumbuyisa lo mgadlo ngoJanuwari uma sekuvulwe iwindi lokusayina abadlali.
Kodwa manje njengoba AmaZulu ekhombisa intshisekelo ngaye, kungenzeka imlande bese imdlulisela kuwona.
Sithole ukuthi Usuthu lwaqala ekuqaleni kwesizini ukuncenga iPirates ukuthi iyidedelele lo mgadli.
Nokho ngaleso sikhathi ashaywa yisikhathi njengoba afika iSwallows seyifike kuqala yamthatha uMabasa.
Okunye okuvelile wukuthi iPirates ingase iwanike omunye umdlali AmaZulu esikhundleni sikaMabasa.
“Izoba nzinyana le ndaba ngoba iSwallows ngeke ivume ukumdedela isizini ingakapheli,” kusho umthombo.
“Okunye wukuthi nayo iPirates kuke kwavela ukuthi isiyafuna ukumbuyisa manje uma imsusa imusa kwelinye iqembu kuzobe idlala ngaye.
“Phela kuzofana nokuthi uyoqala phansi futhi eThekwini, aqale ajwayele indawo okungase kumphazamise kulo mgqigqo akuwo.
FUNDA NALA: Kubonakale ‘intwana’ ethandwa abalandeli ejimini yeChiefs
“AmaZulu kungenzeka agcine ethole uSouaibour Marou njengoba Pirates ifuna ukumbolekisa nje,” kuqhuba lo mthombo.

