Usuthu lumemezele umacekeceke wabaxhasi bejezi
SIHLE NGUBO
AmaZulu FC amemezele abaxhasi abasha bejezi, iPrimo, okuyiyona ezongena endaweni ye-Umbro kusukela ngesizini ezayo.
Lesi simemezelo senziwe umengameli weqembu, uSandile Zungu, esithangamini nabezindaba, eMoses Mabhida Stadium, ngoMsombuluko.
I-Umbro bese iqede iminyaka eyisikhombisa ixhasa Usuthu, nokuyinto ayibonge kakhulu uZungu.
“Kuyinto esiyibonga kakhulu leyo futhi asivele sishintshe izinto ngoba senza nie,” kusho uZungu.
IPromo izoxhasa AmaZulu iminyaka emihlanu kusukela ngesizini ka-2025/2026.
“Siyiqembu elesekwa iNingizimu Afrika yonke, kusuka e-Eastern Cape lapho semukelwa kahle kakhulu,” kusho uZungu.
“EKapa nakhona sesekwa kakhulu kanjalo naseLimpopo lapho sihlale sikujabulela ukudlala khona.”
“Nokho abalandeli bethu bebekhala ngokuthi ijezi ebesilisebenzisa litholakala eThekwini kuphela nokuyinto ebibahlupha ngoba abezi eThekwini njalo.”
UZungu uthe iPrimo iza nokuhlukile kakhulu futhi bangathanda ukuthi ijezi labo litholakale ezindaweni eziningi njengawezimbangi zabo.
“Uma uya eShaka International Airport, uyawabona amajezi kodwa elethu bewungalutholi. Sijabula kakhulu ukunethulela ubudlelwano phakathi koSuthu nePrimo.
“IPrimo yinkampani yala eMzansi esiqalile ukuzakhela
UGiani Chidoni wakwaPrimo ukuqinisekise ijezi lizotholakala ezindawe eziningi ezweni lonke jikelele.
Le nkampani isebenzisana nezitolo ezifana neVictory Lab neClothing Junction ezikhona izwe lonke.
IPrimo ingabaxhasi abaqavile beMagesi FC engompetha beCarling Knockout Cup.

