EzakamuvaIbhola

Isizathu esenze abeSwallows bafune ukuhola masinyane

Usihlalo weMoroka Swallows, uDavid Mogashoa usesole abadlali baleli qembu ngokudicilela phansi igama leqembu.

Uthi abadlali beSwallows banxuse iqembu ukuthi lisheshe liyifake imali yabo yohoo kaDisemba yize lungakafiki usuku lokuhola.

ISwallows ingebe obishini, yazihlaza yahlaza iPSL nebhola lakuleli ngesikhathi icela ukuhlehliselwa imidlalo yayo esele kule nyanga. 

Lokhu bekulandela ukuthi abadlali bebambe isiteleka, bagcina ngokuthi ngeke bona badlale bengaholile.

Nangenyanga edlule kwenzeke esifanayo nokho umqeqeshi uSteve Komphela wakwazi ukubancenga bagcina bedlalile.

ISwallows yabe seyibakhokhela imiholo yabo yezinyanga ezidlule, kodwa kulokhu basheshe bayipopola ingozi, bacela ukusheshe bahole.

Ngokuthola kweMpempe abadlali basole ukuthi uma kuze kuvalwa kuyiwe emaholidini ekupheleni kukaDisemba, kungenzeka bagcina bengaholanga nhlobo. 

“Babonile ukuthi ngeke besahola qobo njengoba bazi ukuthi iqembu libhekene nezindleko ezingaphezu kwamandla abaphathi. 

“Ukuba baqhubekile nokudlala, bekuzothi uma sekumele kuholwe, kubikwe imbiba kubikwe ibunzi, begcine bengaholanga,” kusho umthombo. 

Kodwa usihlalo weSwallows yena usole abadlali ngokuba amaqola afuna ukuhola engasebenzile.

“Laba badlali bafuna ukubamba iqembu inkunzi,” ucashunwe esho kanje uMogashoa kwabezindaba. 

“Bebefuna ukukhokhelwa umholo kaDisemba ngoDisemba 22 (esikhundleni sikaDisemba 31),

“Kodwa izinkontileka zabo zithi bahola ngosuku lokugcina lwenyanga. Lokhu kubhalwe phansi ezinkontilekeni zabo. 

“Angazi yini le benza bacabange ukuthi bazoholelwa ngosuku olungaphambi kwalolu olubhalwe ezinkontilekeni zabo.”

Uthe iMoroka Swallows izamile ukuxoxa nabadlali kodwa akwangavunyelwana njengoba bebemile kwelokuthi baholelwe ngoDisemba 22.

“Asizwananga ngesikhathi sezingxoxo futhi sibe sesinquma ukuthi sivele singayidlali le midlalo emibili ebisele,” kuchaza uMogashoa.