EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

AbeKaizer Chiefs bazikale ngamehlo njengamanzi ophuthu Izinyoni

U-Arthur Zwane uvumile ukuthi iKaizer Chiefs izigwaze ngowayo ngesikhathi ithelwa othulini yiSwallows FC emdlalweni weDStv Premiership ngoMsombuluko ntambama. 

Lo mphumela uziphazamise kakhulu izinhlelo zikaZwane zokufaka leli qembu kwiCaf Champions League next season. 

ISwallows ishaye labo makhelwane bayo baseSoweto ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premierhsip obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane. 

IKaizer Chiefs ayizange idlale kahle kulo mdlalo futhi ibingabonakali kukhona okungcono engakwenza.

Lokho mhlawumbe bekwenziwa wukuthi imiqondo yabadlali beyisiphambili emdlalweni wabo ne-Orlando Pirates ozoba kule mpelasonto. 

IChiefs izogadulisana nePirates eFNB Stadium emdlalweni owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup ngoMgqibelo ntambama. 

Uma iKaizer Chiefs ikwazile ukufika kowamanqamu, kuyobe seyisondele ekutheni iqede indlala yeminyakanyaka yezindebe. 

UZwane uvumile ukuthi ezakhe ziyikale ngamehlo kuhle kwamanzi ophuthu iSwallows, futhi zakujezela lokho. 

“Uma ubheka indlela esidlale ngayo kuzo zombili iziwombe, kuyasho ukuthi kukhona imidlalo esiyithatha kancane. 

“Siqale ngegiya eliphansi futhi sasheshe sadedela igoli ngenxa yokubhacaza emuva,” usho kanje uZwane ngemuva komdlalo. 

“Silitholile igoli kade kuyibhola elibekwe phansi.. Kodwa nalapho besingadlali ngendlela efanele. 

“Besingakwazi ukuhambisa ibhola ngendlela, sivule izikhala ukuze siphaselene kahle,” kuchaza uZwane. 

“Besilinda ibhola ukuthi lize kithi, bona bavele bapaka ibhasi okwenze kwanzima ukuthi sidlule sisondele epalini labo. 

“Sibe sesidedela igoli lesibili kade kuyibhola elibekwe phansi… Sibe nenhlanhla ukuthi singadedeli amanye ngendlela efanayo.” 

FUNDA NALA: Ubonge isosha elicishe lafela enkundleni uMusa Nyatama beshaya iChiefs

UZwane ubeke wabaxwayisa abadlali bakhe ngokucabanga kakhulu ngomdlalo wePirates, ebanxusa ukuthi baqale kulo weSwallows.

Kodwa amazwi akhe kuyacaca angene ngapha aphuma ngale kubadlali beKaizer Chiefs. 

By Sbongs Gumbi