EzakamuvaIbhola

UMaduka ushaye isikhala edlalisa ushemeni weRoyal AM

Umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka, uthi bebephoqelekile ukukhipha usihlalo weqembu u-Andile Mpisane ngesiwombe sesibili.

Usho lokhu ngemuva kokuthi ezakhe zithelwe othulini AmaZulu FC ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesihlanu ebusuku, eMoses Mabhida Stadium.

“Bekumele sifake umuntu oseke wadlala phambilini ukushintsha umdlalo,” kusho uJohn Maduka ngemuva komdlalo.

“Umdlalo siwuqale ngebatha, senze amaphutha endaweni eyingozi.

“Indlela esidlale ngayo ngesiwombe sesibili iyona obekumele siqale ngayo umdlalo.”

UMpisane ubebhadazela nje enkundleni futhi kunzima nokuthi athinte ibhola. 

Abasakazi baze bathi “kunomdlali ongekho enkundleni kwiRoyal AM.”

Akuthathanga sikhathi AmaZulu ayibona inethi ngonyawo lukaMlondi Mbanjwa ngomzuzu ka-13.

Bekuzigelezela nje esiswini seThwihli Thwahla, kucanasa abadlali boSuthu basesiswini.

Uvelile umphumela walokho ngomzuzu ka-27 ngesikhathi u-Augustine Kwem eliqabulisa inethi, kwacaca ukuthi inja inyelezele endlini kwiThwihli Thwahla.

Axege kakhulu kunakuqala amabhawodi kwezikaMpisane, nokuholele ekutheni abuye uKwem azonamathisela elesithathu loSuthu, ngomzuzu ka-32.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili ukhishiwe uMpisane indawo yakhe yathathwa uSibusiso Magaqa.

Kube sengathi izelwe kabusha iRoyal AM, seyilincenga sengathi yiqembu elihlukile kunaleli ebelishaya ngonyawo lonwabu ngesiwombe sokuqala.

Nokho Usuthu bese luwenzile umsebenzi, lwangafuna ukumnika iThwihli Thwahla ithuba lokubuya.

Kwale noma uJohn Maduka esefaka ‘umuthi’ wabo, wokubuyela emidlalweni seliyoshona, uMfundo Thikazi, kodwa lwathi Usuthu alusadedeli lutho, amaphuzu kancibijane lawa.

Ukudlaliswa kukaMpisane kwenziwe ihlaya nasezinkundleni zokuxhumana, abalandeli bethi leli qembu liyihlaya nje.