EzakamuvaIbhola

Uxoshelwe ‘ukuba neshende’ uFadlu Davids kwiMaritzburg

Sbongs Gumbi

UFadlu Davids ubeseneshende ngesikhathi ekwiMaritzburg United, okuyinto emcike wavele wamxosha usihlalo weqembu uFarouk Kadodia. 

Kuvela ukuthi lo mqeqeshi ubeseqalile ukuxoxisana nelinye iqembu ngesikhathi ezama ukuvikisa iMaritzburg izembe. 

Leli qembu laseMgungundlovu lihlulekile, lagcina lehliselwe esigabeni seMotsepe Foundation Championship la lizodlala khona ngesizini ezayo. 

UKadodia ukhiphe isitatimende esishubile ngeSonto kusihlwa, ethi kunabadlali abamenzele phansi. 

Usole namacebo omqeqeshi ukuthi abegxile ekuvaleni emuva ekubeni bedinga ukushaya amagoli.

Mhlawumbe yingakho esevele wakhetha ukusheshe amazise uFadlu ukuthi umsebenzi uphelile kuye nethimba lakhe lonke.

“Sesimtshelile umqeqeshi nethimba lakhe ukuthi sizobakhulula,” ucashunwe esho kanje uKadodia ngabeSABC Sport

“Ngakho sebekhululekile ukuya lapho bethanda khona. Kuyaphoxa lokhu, kodwa sizwe ezinsukwini eziyishumi ezidlule ukuthi uxoxa neRaja Casablanca. 

“Lokhu bekwenzeka ngesikhathi sisempini yokugwema ukudliwa yizembe njengoba ligcine lisigojele nje. 

“Kodwa sifisela umqeqeshi uFadlu nethimba lakhe okuhle kodwa,” kusho lesi sikhulu esibonakala sicikekile kulezi zinsuku. 

Lokhu kuxoshwa kukaDavids kuwushintsho lokuqala olunzulu kuleli qembu njengoba sekumele balungiselele impilo yakwiChampionship. 

Leli qembu manje sekumele lithole umqeqeshi omusha elizobeka kuye amathemba okulibuyisela ezweni loju nobisi. 

Kuzothatha amehlo nokubona ukuthi yibaphi abadlali leli qembu elizobakhulula njengoba kumele linciphise izindleko. 

Kuvela ukuthi uDavids angase ajoyine uJosef Zinnbauer kwiRaja maduze ayoba yiphini lakhe. 

FUNDA NALA: ‘Ngiyathanda eVenda,’ kusho uShaun Bartlett osolwe ngokucwasa

Bake basebenza bonke kwi-Orlando Pirates eminyakeni embalwa edlule, nakwiLokomotiv Moscow ngesizini edlule. 

IRaja ngelinye lamaqembu amakhulu ebholeni lase-Afrika futhi ifuna ukudla isicoco seCaf Champions League.