Unozinti waseNingizimu Afrika usayine eqenjini laphesheya
Unozinti onekhono waseNingizimu Afrika, uJothren Barr, usayine kwiDrogheda United yaseNorthern Ireland.
UBarr ubeyingxenye yeqembu lesizwe lakuleli elidlale kwiCosafa Cup ka-2023. Ubesezintini bebhekene neNamibia, yiBotswana ne-Eswatini.
Lo nozinti oseneminyaka engu-28, udlale umdlalo wakhe wokuqala eneminyaka engu-17 kuphela kwiBidvest Wits.
Useke wamela iNingizimu Afrika kwi-Under 17, yi-Under 20, ne-Under 23.
Amanye amaqembu aseNingizimu Afrika aseke wawadlalela yiStellenbosch FC neMaritzburg United, ngaphambi kokuthi aye eNorthern Ireland, kwiPertadown ngo-2021.
KwiPertadown udlale imidlalo engu-67 eminyakeni emibili ekuleli qembu. Uze wawina umklomelo iShamrock Reds Supporters Club Player of the Year ngo-2022.
“Senginesikhathi ngidlala eNorthern Ireland kodwa ngiyazi ukuthi iligi yalapha inzima kanjani,” kusho uBarr.
“IDrogheda ize kimina futhi ngiyajabula kakhulu ukuthi izinto zizoqhubeka. Ngidlale umdlalo wami wokuqala kwilogi yaseNingizimu Afrika ngineminyaka engu-17.
“Iligi yaseNingizimu Afrika ihluke kakhulu kuneyalapha.
“Ngesikhathi ngidlalela iPortadown ngicabanga ukuthi ngifunde ukujwayela izinto eziningi kumbandakanya nesimo sezulu.
“Bengilokhu nginesineke ngilinde uJanuwari ukuze kube khona umnyakazo owenzekayo.
FUNDA NALA: Uzosayina kwiSpurs owalaxazwa yiMaritzburg
“Ngesese kakhulu ukuba lapha kwiDrogheda,” kusonga lo nozinti.