EzakamuvaIbhola

Engakuphinda uRamoreboli akwenza kwiPirates ngeMaluti? 

UMorena Ramoreboli unerekhodi elihle uma ebhekene ne-Orlando Pirates njengoba ayiphoxa esaqeqesha iqembu elincane iMaluti College. 

Leli qembu, elalidlala kwi-ABC Motsepe League ngaleso sikhathi, lalibonakala liyimvu yomhlabelo ngesikhathi liqhathwa ne-Orlando Pirates kwiNedbank Cup. 

IPirates ngaleso sikhathi yayibophele izihlabani zabadlali okukhona kuzo oSenzo Meyiwa, Thabo Matlaba, Sifiso Myeni noCollins Mbesuma. 

Kodwa okwenzeka ngelanga lomdlalo namanje abalandeli bePirates abafisi ukukhunjuzwa ngakho njengoba iMaluti College yababhuqizisa ngo 4-1.

Yayiqeqeshwa nguMorena Ramoreboli ngaleso sikhathi. Manje lo mqeqeshi usekhule kakhulu njengoba eseqeqesha iJwaneng Galaxy yaseBotswana. 

Leli qembu lizobhekana nePirates emdlalweni weCaf Champions League obalulekile eBotswana National Stadium eGaborone ngeSonto ngo-5 ntambama. 

UMorena Ramoreboli wenze isiqiniseko sokuthi lo mdlalo akawenzi ube ngaye, kodwa kunalokho ufuna amehlo abe kwiPirates. 

“I-Orlando Pirates yiqembu elikhulu futhi wonke umuntu ukujabulele ukubhekana nayo,” ucashunwe esho kanje uRamoreboli. 

“Ngokwami, kudala ngiyilandela iPirates ngisho ngingakazi ukuthi sizobhekana nayo. 

“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi (uJose Riveiro) nethimba lakhe benze umsebenzi omuhle kwi-Orlando Pirates. 

“Akubanga lula ukulungiselela lo mdlalo ngoba bayiqembu elikhulu. Kumele sibahloniphe ngendlela ebafanele. 

“Kodwa ke ekugcineni kuzodlala abadlali abangu-11 ngapha nangapha, ngakho kumele sibe necebo eliphusile.”

UMorena Ramoreboli uthi kunomoya wentokozo eBotswana nengoba kuza iPirates nje, amathikithi omdlalo athengwa ubuthaphuthaphu.

“Abantu bajabule. Bafuna ukuseseka futhi bafuna nokubona i-Orlando Pirates,” kwengeza lo mqeqeshi.

“Ngenhlanhla, sizobhekana ne-Orlando Pirates esefomini enhle. Ngakho wonke umuntu ufuna ukuzibonela mathupha leli qembu. 

FUNDA NALA: YIMPELASONTO ENKULU: I-PSL izihlonipha iqhawe uShenge

“Kuyajabulisa ukubona abantu bethenga amathikithi bezimisele nokuya eGaborone ukuyobuka iJwaneng Galaxy ibhekene nePirates.”