EzakamuvaIbhola

Okungenza iNamibia ibe yingozi kwiBafana kowe-Afcon

INamibia ingaba yingozi enkulu kwiBafana Bafana uma la mazwe esetholana phezulu emdlalweni we-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast.

La mazwe aseqoqweni elilodwa uGroup E, kanti amanye akhona yiTunisia neMali. 

Uma ubuka ukude ungazitshela ukuthi iBafana ingazidlulela kalula kwiNamibia kodwa ngokwesikwati esibophele (iNamibia) kubukeka kuzoba umqansa.

Omakhelwane banabadlali abayisishiyagalolunye abagijima kwiPremier Soccer League (PSL), nokuchaza ukuthi bayazi njengoba bezazi iBafana.

Osheshe agqame kulaba badlali uPeter Shalulile weMamelodi Sundowns, ongalibheki ipali. 

UShalulile uyaziwa ukuthi uwahlupha kakhulu amaqembu eDStv Premiership ngakho kungalindeleka okufanayo uma esebhekene neBafana.

Eqenjini lesizwe lakuleli kukhona inqwaba yabadlali beMamelodi Sundowns kanti uShalulile uyabazi njengoba ehlale ejima nabo. 

Ngisho unozinti uRonwin Williams uyamazi kahle ubuthaka bakhe.

Omunye umdlali ongaba yingozi kwiBafana uDeon Hotto we-Orlando Pirates. 

UHotto, oke wayibamba nakwiBidvest Wits, usehlale isikhathi eside eNingizimu Afrika ngakho ulazi kahle ibhola lakuleli.

URiaan Hanamub, ogijima kuMaZulu FC, naye angaba wuhlupho kakhulu kubadlali beBafana. 

Lo mdlali uvele usecathanyelwa amanye amaqembu ePSL ngakho ukuthi udlala ibhola elihle kuSuthu.

Baningi abadlali beNamibia abakuleli

Abanye abadlali abagijima kwiPSL abakhona esikwatini seNamibia uLoydt Kazapua weChippa United, u-Edward Maova we-University of Pretoria, u-Ananias Gebhardt weBaroka FC, uLubeni Haukongo weCape Town Spurs, uJoslin Kamatuka weMaritzburg United noBethuel Muzeu weBlack Leopards.

Imidlalo ye-Afcon izoqala ngoJanuwari 13 ize isongwe ngoFebhuwari 11. IBafana neNamibia bazotholana phezulu ngoJanuwari 21.

Selilonke iqembu leNamibia limi kanje:

Onozinti: Kamaijanda Ndisiro – 🇳🇦 African Stars; Loydt Kazapua – 🇿🇦 Chippa United; Edward Maova – 🇿🇦 AmaTuks

Izitobha: Ananias Gebhardt – 🇿🇦 Baroka; Riaan Hanamub – 🇿🇦 AmaZulu; Ryan Nyambe – 🏴󠁧󠁢󠁥󠁮󠁧󠁿 Derby County; Aprocious Petrus – 🇽🇰 Liria Prizren; Ivan Kamberipa – 🇧🇼 Orapa United; Charles Hambira – 🇳🇦 African Stars; Denzil Haoseb – 🇳🇦 Khomas Nampol; Lubeni Haukongo – 🇿🇦 Cape Town Spurs; Kennedy Amutenya – 🇧🇼 Gaborone United 

Abasesiswini: Ngero Katua – 🇳🇦 Unam; Prins Tjiueza – 🇽🇰 Liria Prizren; Petrus Shitembi – 🇲🇾 Kuching City; Uetuuru Kambato – 🇳🇦 African Stars; Marcel Papama – 🇧🇼 Township Rollers 

Amafolosi: Wendell Rudath – 🇧🇼 Jwaneng Galaxy; Absalom Iimbondi – 🇳🇦 Khomas Nampol; Peter Shalulile – 🇿🇦 Mamelodi Sundowns; Joslin Kamatuka – 🇿🇦 Maritzburg United; Bethuel Muzeu – 🇿🇦 Black Leopards; Deon Hotto – 🇿🇦 Orlando Pirates