EzakamuvaIbhola

OweChiefs usophe ukubonga abalandeli kwiCarling Cup

Umdlali weKaizer Chiefs osemncane kodwa onekhono elimangalisayo, uMfundo Vilakazi, uthi usekulungele ukudlala eqenjini elikhulu.

UVilakazi ugijima eqenjini leDStv Diski Challenge lapho enza khona ezibukwayo egqoke imibala yaMakhosi.

Lo mdlali useqenjini iCarling All Stars elizobhekana neStellenbosch FC emdlalweni weCarling Black Label Cup, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

“Umqeqeshi uCavin (Johnson) ungibizile ukuthi ngizoziqeqesha neqembu elikhulu ukuze ngilungiselele iCarling,” kusho leli bhungu elinamahloni.

“Ngicabanga ukuthi mina ngikulungele (ukudlala eqenjini elikhulu) kodwa izinto ngeke zihambe ngendlela yami.

“Isikhathi uma sesikahle ngizoya eqenjini elikhulu ngidlale ngesikhathi esilungile. Hhayi ukuthi kumele ngiphoqe izinto mina.”

Abalandeli abafake lo mfana kwiCarling All Stars, abawuvali umlomo ngaye futhi bamthwele ngeqoma ukuthi ayithwalise kanzima iStellies, engompetha beCarling Knockout Cup, ngoMgqibelo.

“Kufanele abalandeli balindele lukhulu kimina ngoba bangivotelile, bafuna ukubona okuthile kimina. 

“Nami ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngiyabajabulisa ngoMgqibelo,” kusonga uVilakazi.

Lo mdlali uzobe eyibambe esiswini nenkunzi ye-Orlando Pirates uPhillip Ndlondlo.

Selilonke iqembu elizoqala limi kanje:

Itumeleng Khune, Jabulani Mokone, Ramahlwe Mphahlele, Njabulo Ngcobo, Masibonge Ngidi, Kagiso Mnguni, Siphamandla Zikhali, Phillip Ndlondlo, Mfundo Vilakazi, Victor Letsoalo, Ashley du Preez. 

Umqeqeshi: Jose Riveiro