EzakamuvaIbhola

Athi khumu uKhune noma kukhona asangakwenzela iChiefs?

Emasontweni edlule u-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs ubengundaba mlonyeni ngokuthi wafika ejimini enuka amambawu.

Kulandele ukuthi amiswe ekuzimbakanyeni neqembu waphinde waphucwa ibhande likakaputeni.

Kuphinde kwavela ukuthi iChiefs ibingafuni ukuthi abe yingxenye yeCarling Cup ngoba izeseka ngokuthi usamisiwe.

Nokho amandla abalandeli ayinqobile iChiefs. Ushaye into ecokeme ngesikhathi iCarling All Stars ibhubhisa iStellenbosch FC ngo 3 -1 emdlalweni weCarling Black Label Cup ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.

UKhune ukhumbuze abaningi ukuthi yena unamava futhi yinto yakhe ukuba semapalini.

Umbuzo osalayo owokuthi uma kuphela isizini uKhune uzowagaxa emgibeni yini amagilavu akhe. 

Kuyavela ukuthi uma ethi khumu iChiefs ihlele ukumnika umsebenzi ngaphakathi eqenjini.

Ngabe uKhune kumele aliyeke ibhola noma kusekhona ethankini angakunika iChiefs?