UPitso ujabule ngokucentela uJose Maurinho indlela
Sbongs Gumbi
Umqeqeshi wakuleli osezakhele igama ngempumelelo emazweni ehlukene, uPitso Mosimane uyaziqhenya ngokuthi iqembu asuka kulo eSaudi Arabia selifuna uJose Maurinho.
UMosimane ubekwi-Al Ahli ngesizini edlule. Ufike kuyo ilengele ezembeni, wayithatha wayinqobisa isicoco, yakhushulelwa nasesigabeni esiphezulu sebhola eSaudi Arabia.
Kodwa leli qembu alibange lisamgcina njengoba manje selimataniswa noJose Maurinho oseqeqeshe amaqembu amaningi amakhulu e-Europe.
Kodwa lokho akumkhathazi uMosimane, empeleni ujabule ngokuthi uphakamise izinga ngale ndlela yokuthi babona kunguJose Maurinho kuphela ongavala isikhala sakhe.
“Iqembu engiphuma kulo lifuna uMaurinho. Lingakhona ukumkhokhela,” kusho uPitso kuleli viki kwabeMetro FM.
“Bayamfuna. Naye useke waba sezindabeni njengoba ebethi usendleleni ebheke eSaudi Arabia.
Uma ebuzwa ngokuthi kungani yena engagcinwanga kulo msebenzi, uvez eingxoxo abe nayo nomengameli we-Al Ahli ngaphambi kokushiya kwakhe.
“Ngambuza umengameli – ubesengumenagmeli ngaleso sikhathi… Kufike abaphathi abasha baguqula yonke into.
“Wathi kimi, ngaleso sikhathi ubesazi ngezinguquko ezizayo, nguye obesayina abadlali. Uthe bayiqembu elifuna ukuya kude futhi neligi bafuna ibe sezingeni eliphezulu.
“Yingakho ke abantu abafana nathi kufanele bacentele oMaurinho indlela. Kumnnandi lokho…
“Ukucentela uMaurinho indlela. Kuyinto engiyibona iyisincomo kimi leyo,” kuchaza lo mqeqeshi osekwi-Al Wahda e-UAE manje.
UMosimane uvez enokuthi kuleli zinga asekulo manje, awukho umsebenzi azofaka kuwo isicelo kodwa amaqembu okumele eze kuye.
FUNDA NALA: IPirates inqabe nomgadli obefunwa elaphesheya yize inenqwaba
Uthe alikho elakuleli elike lakhuluma naye kusukela ashiya kwiMamelodi Sundowns eminyakeni emine edlule.
Lokho akuthusi ke kodwa ngoba usenetheimba lakhe ahamba nalo lapho eyosebenza khona futhi nemiholo yabo seyikude kakhulu kunakuleli.