EzakamuvaIbhola

UVilakazi ube ‘yistarring’ i-All Stars inqoba iCarling Cup

Kugqame umfana omncane obevele ebhekiwe ngesikhathi iCarling All Stars iqeda ngeStellenbosch FC emdlalweni weCarling Cup ngoMgqibelo ntambama.

UMfundo Vilakazi, ongomunye wabadlali abebebhekiwe kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane.

I-All Stars igcine inqobe ngo 3-1 kulo mdlalo, yaba ngompetha bale ndebe ebiqala ukudlalelwa. 

Igoli lokuqala lingene umdlalo usanda kuqala ngesikhathi i-All Stars ibekelwa ibhola phansi ngaphandle nje kancane kwebhokisi leStellies.

Kube sekuphakama uMfundo Vilakazi, wakuveza ukuthi kungani abalandeli bebemfuna esikimini kuleli qembu.

Uvele wadedela elihle ibhola, wathi uyazama unozinti weStellies, kodwa kwasho ukuthi ubuchule okushaywe ngalo ibhola siphezulu.

Libe seliyoqabula inethi, yahamba phambili ngo 1-0. Ibuyile ngomzuzu ka-28, yashaya elesibili.

Liqhamuke ngemuva kokuthi i-All Stars ihlasele ngokuzuma, ibhola lawela ku-Ashley Du Preez.

Ube eseziqonda ngqo izitobha zeStellies, kwagcina ngokuthi uThabo Moloisane amwise, unompempe alikhombe emlotheni.

Kusukume yena uDu Preez, walinamathisela enethini. Ngemuva kwalokho kube sekubhoka uVilakazi.

Ubezenzela nje kwiStellies, abuye afake nomjiko kuchwaze izihlwele enkundleni. 

Esiwombeni sesibili umdlalo wenyukile ngezinga, iStellies ibona ukuthi imuka nomfula, kwasho khona ukuthi nenhlanhla ibingekho.

Ligcine liqhamukile igoli leStellies, uMervin Boji elishaya sekubhekwe ukuthi unompempe ashaye impempe yokuqeda umdlalo.