Bekubhekwe aye e-Europe osayinwe yiSundowns
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns seyivumelene ngokusayinisa umdlali wasesiswini uMatias Esquivel odlalela i-Atletivlco Lanus ngesamba esilinganiselwa ku-R46.7 million.
Ngokubika kwe-iDiski Times lo mdlali uvumalelane ngakho konke neDowns ngenyanga edlule.
Kuvela ukuthi bethukile ezweni lakhe ngoba bebelindele ukuthi aye e-Europe kulandela ukwenza kahle kwiPrimera Division lapho beqede endaweni yesine kwilogi enamaqembu angu-28.
Amaqembu womabili kuthiwa avumelane ngeSonto eledlule kanti konke kozoqinisekiswa nomdlali okulindeleke ukuthi atheleke eNingizimu Afrika ngesikhathi kuqhubeka i-Africa Cup of Nations.
Akuqali ukuthi iSundowns ithenge umdlali ngemali enkulu. Isayinise uMarcello Allende ngo-$3-million ephuma kwiMontevideo City Torque ngo-Agasti ka-2022.
Njengamanje iSundowns abahlanu bangaphandle kodwa kulindeleke ukuthi uDivine Lunga abhaliswe njengowakuleli.
FUNDA NALA:Â UKhune nezincomo ngoMfundo Vilakazi ovelele kwiCarling Cup
Ivele ino-Allende, Lucas Ribeiro Costa, Abdelmounaim Boutouil, Júnior Mendieta no-Abubeker Nassir. Kuzocaca ukuthi yimuphi umdlali ozovula isikhala.

