EzakamuvaIbhola

URiveiro uhalela isihlabani seStellenbosch

Kuzomele ibeke into ebhekile etafuleni i-Orlando Pirates uma izimisele ngempela ukufeza isifiso somqeqeshi uJose Riveiro ngomdlali weStellenbosch FC. 

Impempe seyithole ukuthi uJose Riveiro usha amashushu ngomunye wabadlali abavelele beStellies kodwa leli qembu alifuni naye. 

Kuvela ukuthi lo mqeqeshi odabuka eSpain uze waxoxa nanozakwabo weStellies uSteve Barker ngalo mdlalo.

Laba baqeqeshi bebesemabhntshini ngesikhathi iStellies idlala neCarling All Stars ngempelasonto.

URiveiro ubeqeqesha i-All Stars enqobe ngo 2-1 kulo mdlalo obumuhle futhi kudlala kuwo abafana abasebancane. 

Naye lo mdlali bekungathi uyazi ukuthi uRiveiro umfuna uthuli indlela abeyiphela endlebeni ngayo ezitobheni ze-All Stars. 

“Umfuna ngampela u-Antonio Van Wyk futhi akuyona into yamanje, yinto endala,” usho kanje umthombo weMpempe. 

“IPirates seyike yaya kwiStellies iyokhuluma ngaye kodwa yachithwa. UBarker wakubeka kwacaca kubaphathi bakhe ukuthi akazimisele ukulahlekelwa yilo mdlali okwamanje.”

Lo mthombo uthe ngemuva kokuxoxa noBarker ngempelasonto, uRiveiro unethemba lokuthi uzoyijika indlela acabanga ngayo.