Ezakamuva

UZandi Khumalo uveza olunye uhlangothi ngokufa kukaMeyiwa

UZandi Khumalo owayesendlini eVooslorus ngesikhathi kudutshulwa uSenzo Meyiwa, owayevimbela i-Orlando Pirates neBafana Bafana, uthi izigelekeqe ezangena zaziqonde udadewabo uKelly Khumalo hhayi uMeyiwa.

Lo nozinti wadutshulwa washona ngo-Okthoba 26 ka-2014 esendlini yakubo kantombi yakhe uKelly Khumalo. Laba banengane bobabili.

Izindaba zokushona kukaMeyiwa zanyakazisa iNingizimu Afrika yonke ngo-2014. Nokho kuze kube yimanje akucaci ukuthi icala libheke kuphi.”Njengoba abantu benohlangothi lwabo kulolu daba nami nginolwami,” kusho uZandi kwiGagasi FM.

“Lolu uhlangothi lwami njengoZandi, kungenzeka ukuthi ngiphuma eceleni noma ngishaya khona kodwa wuhlangothi lwami ngalolu daba.

“Ngingakutshela ukuthi laba bantu babengezile ukuzobulala uSenzo (Meyiwa) ngoba yizinkabi leziya.

“Uma babelapho ukuzobulala uSenzo babezobuya bamqedele ngesikhathi esedubulekile benze isiqiniseko, kodwa abakwenzanga lokho.

“ULongwe (Twala) ngesikhathi ephusha lo omunye emphindisela emuva abazange bamlandele. Kodwa uKelly uthe uma engena ekamelweni bamlandela.

“Noma ubani uzokuqonda ukuthi laba abantu ababelaphaya beqonde kuKelly.”

Lokhu okushiwo uZandi yinto ayiphikisayo uSifiso Meyiwa umnewabo kaSenzo. Uhlale elibeka ngembaba elokuthi akekho umuntu owangena endlini kodwa uSenzo wadutshulwa omunye walabo ababengaphakathi endlini.

Sekuphele iminyaka eyishumi manje kudikwadikwa leli cala ePitoli. Abanye abebelilandela sebeze badikibala futhi ababoni buzogcina benzekile ubulungiswa kuleli cala.