Ahloma kusakhanya AmaZulu, athole isitobha seDowns
SIHLE NGUBO
AmaZulu FC aseqalile ukuba matasa njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ekuqaleni kukaJanuwari.
Usuthu luthole isitobha uSfiso Ngobeni weMamelodi Sundowns, obolekiswe kulona kuze kube sekupheleni kwesizini ka-2023/24.
Nokho Impempe iyamangala ngalokhu ngoba uPhilani Ndlela, okhulumela Usuthu, usanda kuyitshela (Impempe) ukuthi bona abasayingeni eyokuboleka abadlali.
“Asisababoleki abadlali thina, sesiyabathenga kuphela,” usho kanje uNdlela ekhuluma neMpempe ngeledlule.
“Uma ungabheka eqenjini lethu uzobona ukuthi asinaye umdlali obolekiwe, bonke abadlali esinabo abethu.”
Nokho uNgobeni, obelizwa ngendaba ijezi kwiSundowns, uzohlala eThekwini izinyanga eziyisithupha bese ebuyela eChloorkop, ngokwesivumelwano.
Kwenzeka lokhu nje AmaZulu asanda kumemezela ukuthi sekuhlukene inhloko nesixhanti phakathi kwalo noTercias Malepe.
Kuthiwa bavumelene ukuthi Usuthu lumdedele lo mdlali, nokuchaza ukuthi angasayina kunoma yiliphi iqembu.
UNdlela usanda kutshela Impempe ukuthi izingxoxo zoSuthu ne-Orlando Pirates, mayelana noTshegofatsho Mabasa, zimile ngenxa yokungavumelani ngemali.
Uthe iPirates ifuna bakhokhe u-R3.5 million ngalo mdlali. Abayizwa leyo ngoba inkontileka yakhe nePirates iphela ekupheleni kwesizini.
Akwaziwa noma bazogcina beqhubekile yini nezingxoxo ukuze uMabasa, obebolekiswe kwiMoroka Swallows, agcine eyile kuMaZulu.
FUNDA NALA: Yehlise amathemba iBafana kowokugcina wokulungiselela i-Afcon
Nokho ngokusho kukaNdlela, bayaqhubeka nokubheka abanye abagadli, kwamanye amaqembu.

