EzakamuvaiDStv Premiership

Uveza imfihlo yamagoli ePirates uPatrick Maswanganyi

Sihle Ngubo

UPatrick Maswanganyi, oshaye igoli elisuse ukukhuluma le-Orlando Pirates, uthi kuyasetshenzwa ejimini yeBucs akusiniswa amahlezwa.

Lo mdlali usho lokhu ngemuva kokuthi ezakhe zishaye iCape Town City ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ebusuku. 

UMaSwanganyi udlale kahle kakhulu kulo mdlalo, edlisa nangomjiko obheke phambili. Ube eseqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

“Lona ngumphumela walokho esikwenza ejimini. Sisebenza ngokuzikhandla futhi ngibonga ozakwethu ngokubambisana. 

“Ngokunjalo nethimba labaqeqeshi abasipholishayo ukuze senze lokhu abakulindele kithina,” kusho uPatrick Maswanganyi ngemuva komdlalo.

Umqeqeshi weBucs uJose Riveira yena ugcizelele ukuthi babophele abadlali abanekhono eliyisimanga eqenjini, wase ebonga ukunqoba.

“Besiwadinga kakhulu la maphuzu amathathu ngoba asiwatholanga emdlalweni odlule sibhekene neChippa United. 

“Ngiyajabula ngokunqoba nendlela nje esidlale ngayo,” kusho lo mqeqeshi waseSpain.

IPirates ibisiwina umdlalo wesibili weligi. KoweChippa yayihamba phambili ngo 1-0 kodwa wagcina uphele ngo 1-1 eNelson Mandela Bay, eGqeberha.

Igoli lokuqala lePirates lishaywe uZakhele Lepasa ngomzuzu wesishiyagalolunye. 

Kuthe ngomzuzu ka-76 kwaphinde konakala emzini weCitizens uPatrick Maswanganyi eshaya igoli lesibili leZimnyama. 

Ukuvunywa kwaleli goli kumcike kakhulu unozinti weCity uDarren Keet obekhombisa ukuthi ulivimbile, aliweqanga ulayini. 

Nokho unompempe nomsizi wakhe bathe yilona impela igoli. Ezinkundleni zokuxhumana kusakhulunywa ngalo leli goli futhi abalandeli abavumelani.

Emdlalweni olandelayo iBucs izobhekana nelinye iqembu laseKapa iStellenbosch FC emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu weMTN8, e-Athlone Stadium, ngeSonto. 

FUNDA NALA: U-Eric Tinkler uvume uLepasa wePirates ohlanzise ezakhe udenda

La maqembu atholanile ekuqaleni kwesizini koweDStv Premiership, kwawina iStellies ngo 1-0. Nakanjani iPirates izobe ifuna ukubuyisa izinduku ngeSonto.