U-Eric Tinkler uvume uLepasa wePirates ohlanzise ezakhe udenda
Sihle Ngubo
Uncome igoli likaZakhele Lepasa u-Eric Tinkler ngemuva kokuthi iqembu lake iCape Town City lishaywe yi-Orlando Pirates ngo 2-0 koweDStv Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
U-Eric Tinkler ukhalile nokho ngokuthi ngesiwombe sokuqala bebelele kakhulu kulo mdlalo nokuyinto eyenze enze izinguquko kwesesibili.
“Yigoli elihle. Uphenduke kahle. Akekho ongamsola kakhulu ngalo. Kumele kunconywe uLepasa,” kusho uTinkler ngemuva komdlalo.
“Bayiqembu elihle elihlaselayo. Uyawabona namagoli abawashayayo. Ngesiwombe sokuqala asidlalanga kahle kodwa sithe uma sesenza ushintsho kwaba nomehluko.
“Bese sibacindezele besihlasela ngokuzuma kuphela. Nokho sibuye sadedela elinye igoli.”
Igoli lokuqala lePirates lishaywe uZakhele Lepasa ngomzuzu wesishiyagalolunye.
Uthole ibhola ephakathi ebhokisini waphenduka phansi kwezitobha, walihlaba phakathi.
IPirates ibingalishaya elesibili kodwa uLepasa washumpuza kwacisho kwakhumuka umlenze esebhokisini.
Ngesiwombe sesibili u-Eric Tinkler ubafake bonke abadlali abahlanu abecuphe ngabo ebhentshini.
Lube khona ushintsho iCape Town City ilincinza ngesineke kucaca ukuthi izolithola elokulinganisa. Nokho iBucs yalile yaqina emuva.
Kuthe ngomzuzu ka-76 kwaphinde konakala emzini weCitizens uPatrick Maswanganyi eshaya igoli lesibili leZimnyama.
Ukuvunywa kwaleli goli kumcike kakhulu unozinti weCity uDarren Keet obekhombisa ukuthi ulivimbile, aliweqanga ulayini.
Nokho unompempe nomsizi wakhe bathe yilona impela igoli. No-Eric Tinkler ukuvezile ukungeneliseki kwakhe ngegoli lesibili.
IPirates iwatholile amathuba okushaya igoli lesithathu kodwa kwangavuma. Emdlalweni olandelayo iBucs izobhekana nelinye iqembu laseKapa iStellenbosch FC emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu weMTN8, e-Athlone Stadium, ngeSonto.
FUNDA NALA: Isihlawulisiwe iChiefs ngecala lokujikijelwa kukaNtseki
La maqembu atholanile ekuqaleni kwesizini koweDStv Premiership, kwawina iStellies ngo 1-0. Nakanjani iPirates izobe ifuna ukubuyisa izinduku ngeSonto.