EzakamuvaIbhola

URiveiro necebo lokuthi iChiefs nePirates bamelane neDowns

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro unecebo elingasiza iKaizer Chiefs nezakhe zikwazi ukuncintisana neMamelodi Sundowns ngaphandle kokudabuka amaphakethe. 

NgokukaJose Riveiro, lamaqembu akumele ancintisane nomacaphunakusale abayiSundowns uma kuyiwa emakethe yabadlali. 

Lo mqeqeshi odabuka eSpain ubesebhentshini leCarling All Stars edlale neStellenbosch FC ngempelasonto edlule. 

Ubevotelwe abalandeli kanti iqembu lakhe belakhiwe abafana abasebancane nokuyila ebone kunemboni yegolide. 

Uthi iSundowns inamandla kakhulu uma kuziwa ekukhipheni imali ilande abadlali abaseqophelweni. 

Pho iChiefs nePirates bengenza kanjani ukuthi nabo babe nabadlali abasezingeni? 

“Bona kuzomele bagxile kakhulu ekukhiqizeni abadlali ezinkulisa zabo,” kuchaza lo mqeqeshi.

“Kumele bakhiqize abadlali abanohlonzo abazomela neqembu lesizwe iBafana Bafana.”

Ube esenza isibonelo ngamaqembu amabili aseSpain ayizimbangi ezinkulu khona, iBarcelona neReal Madrid.

“La maqembu anezindlela ezingafani, njengoba iReal Madrid yona igxile kakhulu ekuthengeni abadlali ababizayo emhlabeni ngoba inemali eningi.

“Ngakolunye uhlangothi, iBarcelona yona igxile kakhulu ekukhiqizeleni abadlali abanohlonzo…

“Yingakho nje ubona abadlali abaningi abadlalela iqembu lesizwe laseSpain beqhamuka kwiBarcelona.” 

Eqenjini le-All Stars, kuvelele abafana abancane abakhombise ukuthi lukhulu abangagcina belwenza kulezi zinkunzi zaseSoweto.

UMfundo Vilakazi weChiefs, noJabulani Mokone wePirates ngabanye babadlali abantshontshe amehlo abalandeli ngempelasonto.

UJose Riveiro usevele ufake uRelebohile Mofokeng eqenjini lakhe elikhulu kwiPirates kanti kukhona nabanye abasalinde ithuba labo. 

Ubukeka engumqeqeshi okholelwayo kubadlali abasebancane futhi uyabanika nenkululeo yokudlala besebenzisa isivinini nekhono labo lokujika.