Uzizwe engokhethekile uRulani Mokwena equkula indebe yokuqala
By Sihle Ngubo
‘Ngizizwa ngikhethekile, ngihloniphekile futhi nginenhlanhla enkulu’ – lawa ngamazwi kaRulani Mokwena, oqeqesha iMamelodi Sundowns.
Uwasho ngemuva kokuqukula ngokusemthethweni indebe yeDStv Premiership eLoftus Stadium ngoLwesibili ebusuku.
ISundowns ibambane neMaritzburg United ngo 1-1 kulo mdlalo, yase iphakamisa indebe yeligi okwesithupha kulandelana.
Ubehluleka nawukuzibamba ngendlela abejabule ngayo uRulani Mokwena kwazise indebe yakhe yokuqala lena eseqeqesha ngokuzimela.
“Ngiyalibongela leli qembu elihle kangaka. Ngibongela abadlali, abaphathi beqembu, yithimba labaqeqeshi nabalandeli.
“Ngizizwa ngikhethekile ngempela ngokuba wumqeqeshi walaba badlali abayisimangaliso kanje,” kuqhuba uRulani Mokwena.
Lo mqeqeshi uqale ukuqeqesha iSundowns njengomqeqeshi ozimele ngo-Okthoba nyakenye.
Kusukela lapho iqembu alizange lishaywe emidlalweni engu-20 yeligi. EzikaMokwena zishaywe kanye kuphela kwiNedbank Cup yiStellenbosch FC ngo 2-1.
“Ngiyajabula kakhulu ukuwina indebe enkulu kunazo zonke eNingizimu Afrika. Ngiyazi kukhona abayithatha kancane le ndebe kodwa ibalulekile.
“Akulula neze ukudlala imidlalo engu-30 ekhaya nasekuhambeni izinyanga eziyishumi.”
Njengamanje iSundowns ilungiselela ukubhekana neWydad Casablanca emdlalweni womlenze wesibili weCAF Champions League, ngoMgqibelo.
Emdlalweni womlenze wokuqala kuphele zibambene ngo 1-1. Uma idlulela kowamanqamu iSundowns ingase ibhekane nezimbangi zayo ezindala i-Al Ahly yase-Egypt.
Emdlalweni wangoMgqibelo bazobe bengekho oNeo Maema noMarcelo Allende abathole amakhadi abomvu emlenzeni wokuqala.
FUNDA NALA: UFadlu Davids uthi ingcindezi sebeyibeke kwiSwallows ne-Arrows
ISundowns izama ukuwina iChampions League okwesibili emlandweni wayo. Iyiwinile le ndebe enkulukazi kunobuutshuzwayo e-Afrika ngo-2016.
Nokho ngaleso sikhathi beyisengaphansi kwesandla sikaPitso Mosimane oseqeqesha eSaudi Arabia kumanje.