Ezakamuva

Uyatheleka ozohlwitha umsebenzi womqeqeshi wonozinti kwiChiefs

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi wonozinti ozothatha umsebenzi ka-Aubrey Mathibe, kwiKaizer Chiefs, kulindeleke ukuthi atheleke ngeSonto eNingizimu Afrika.

Lo mqeqeshi omusha weChiefs igama lakhe ngu-Iyes Mzoughi, okuvela ukuthi unamava amakhulu. Useke wasebenza eqenjini elihlonishwayo laseTunisia, i-Esperance de Tunis, yise-UAE, eSaudi Arabia, eLibya naseMauritania. Lo mqeqeshi wayedlala eTunisia, eFrance naseSwitzerland.

UMzoughi kulindeleke ukuthi asize uBruce Bvuma, Bontle Molefe noBrandon Petersen, ukuthi benyuse izinga labo.

Ngebhadi lokhu kusho ukuphela komsebenzi kuMathibe ojoyine iqembu laseNaturena ngo-2022. Okunye okusazocaca ukuthi u-Itumeleng Khune uzobe esekhona yini kwiChiefs nokuthi uma kunjalo uzobe enza muphi umsebenzi.

UKhune iyaphela inkontileka yakhe ekupheleni kukaJuni kanti akukacaci ukuthi uzohlala noma uyahamba yini kwiChiefs. Abalandeli beChiefs bafisa abe khona ethimbeni labaqeqeshi uma kungukuthi usewagaxa emgibeni amagilavu akhe.

IChiefs kuvela ukuthi iyamfuna omunye unozinti. Igama likanozinti weRichards Bay FC, uSalim Magoola, lokhu limataniswa naleli qembu laseNaturena.