OweSwallows ugcone iSpurs kwi-X, bamjikela abalandeli
Usihlalo weMoroka Swallows uzothole esegxekwa, etshelwa ezikabhoqo kulandela ukuthi ezame ukugcona iCape Town Spurs kwi-X ngoLwesine.
Ngemuva kokuthi isigungu esiqondisa ubugwegwe kwiPSL sikhiphe isinqumo esingasindi kakhulu sibheke kwiMoroka Swallows, uDavid Mogashoa ube esengena kule nkudla yezokuxhumana.
Bese sikade siside ke nokho isikhathi agcina ukubonakala njengoba evele ngemuva kokuthi iPSL seyiphiphe amanyala akhe.
IMoroka Swallows ihlawuliswe u-R400 000 kuphela ngecala lokuhlambalaza iPSL ngokwehluleka wukudlala imidlalo yayo emibili ngoDisemba.
Namaqembu oobekumele idlale nawo le midlalo – iMamelodi Sundowns neGolden Arrows – agixabezwe ngamaphuzu amahhala.
ISwallows ayikwazanga ukudlala le midlalo ngoDisemba 27 noDisemba 30 kulandela isiteleka sabadlali.
Abadlali babefuna ukusheshe bawuholele uDisemba ngoba besaba ukuthi bangagcina ngokuwuzwa ngendaba umholo.
Phela leli qembu bese linomkhuba wokubaziba abadlali uma kuphele inyanga, kube ngathi akusona isikhathi sokuhola.
UMogashoa ubengabonakali nangokhalo ezinkundleni zokuxhumana ngalesi sikhathi iqembu libhekene nezinkinga.
Ngemuva kwalesi sehlakalo, iSwallows yabekwa icala. ISpurs ibe seyisibhalela iPSL sinxenxa ukuba kukhishwe isinqumo esiqinile.
Yathi iSwallows kumele ixoshwe ebholeni elikhokhelayo, noma yehliselwe esigabeni seMotsepe Foundation Championship.
Akuhambanga ke ngesifiso seSpurs, nokuyilapho ke uMogashoa ebe esengena ezinkundleni zokuxhumana eyigcona.
“Moroka Swallows 1 – 0 Cape Town Spurs,” ubhale kanje uMogashoa ngemuva kokuphuma kwesigwebo sabo.
Abanye abalandeli bamjabulelile, bethi vele iSpurs ibimphaphela nje.
Kodwa bakhona nabangalibonanga leli hlaya abelenza njengoba bemnxenxe ukuthi agxile ekuqinisekiseni ukuthi abadlali bayahola.
UBJ Nhlapo upphendule wathi: “Khokhela abadlali Chiefs bese unciphise isikhathi sakho kwi-X.”
FUNDA NALA: ISundowns ishela umgadli owahluleka kwiBafana
UVeli Shabangu yena uthe, “Ngagcina ukukubona kule nkundla ngesikhathi ugcona iChiefs uzitshela ukuthi ithikithi lakho lokubheja lizosebenza.”

