UCijimpi uneme ngokunqobisa AmaZulu iPremier’s Cup kodwa…
Sbongs Gumbi
AmaZulu FC anqobe isicoco aba ngompetha beKwaZulu-Natal Premier’s Cup ngempelasonto kanti umqeqeshi wawo omusha, uPablo “Cijimpi” Martin uthi lokhu bekufanele.
Bekuwumdlalo wokuqala kaMartin esidlangalaleni selokhu aqashwa ukuthi athathe indawo kaRomain Folz emasontweni ambalwa edlule, futhi iqembu lakhe lidlale ngendlela ethembisayo.
AmaZulu ashaye iRichards Bay FC kowamanqamu ngeSonto ntambama, anqoba ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene, lingekho elishaye igoli.
UMartin uhlabeke umxhwele kodwa mhalwumbe manje sekumele agxile ekucijeni abagadli bakhe ngoba bamoshe amathuba amahle, okuyinto lo mqeqeshi waseSpain ayivumayo.
“Lona bekuwumdlalo wethu omuhle kakhulu kulo mqhudelwano. Ngesiwombe sokuqala besibahle kakhulu, kuwukuthi nje sigeje amathuba ebesiwatholile,” kusho uCijimpi ngemuva kwemidlalo.
“Ngesiwombe sesibili, babuyile, baqala bavuleka… Kodwa ukungaqedeli kwethu amathuba kwenze umsebenzi wethu waba nzima.
“Kodwa noma kunjalo siyakwazi ukwakha amathuba acacile, bawakhile nabo awabo ngesiwombe sesibili.
“Futhi uma ngikhuluma iqiniso nje, besiyiqembu elihamba phambili kulo mqhudelwano futhi ukuwunqoba bekusifanele…
“Siwine imidlalo eminingi kunawo wonke amaqembu kulo mqhudelwano.”
UMartin ujabulile futhi ngesimo sengqondo nokuzibophezela okukhonjiswe abadlali bakhe okuphoqeleke ukuthi badlale imidlalo emithathu esikhathini esingaphezudlwana nje kwamahora angu-24.
“Sidlale imidlalo emithathu emahoreni angu-27, okuyinto engajywalekile, kodwa abadlali bakhombise umoya engifuna babe nawo nsuku zonke.”
AmaZulu asebheke ukuqinisa phambili la uMartin ekhale ngokuthi ngathi babuthuntwanyana.
Uthe ugculisekile ngeqembu analo njengamanje kodwa angathanda nokwengeza abadlali abambalwa abaseqophelweni eliphezulu ukuze aqinise izindawo ezimkhathazayo.
“Kusekuningi okumele sikulungise. Futhi ngiyethemba ukuthi sisazosayinisa abadlali abangakhuphula izinga lethu.
“Kodwa ukusuka lapho, okungenani singasho ukuthi ngeke kufane nangesizini edlule lapho bekumele sigweme ukugawulwa yizembe.”
Le nsizwa eqeqesha AmaZulu isenethemba lokuthi iqembu layo lizoqhubeka ngegiya elifanayo emidlalweni yeDStv Premiership ezoqala emasontweni amabili ezayo.
FUNDA NALA: UMolefi Ntseki uthi ‘uyapheka’, uzophaka ulozolo lwento kwiChiefs
AmaZulu azoqala umkhankaso wawo weligi ngokuvakashela iRoyal AM engokhaya bayo baseKZN eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngo-Agasti 5.