EzakamuvaIbhola

Ngabe ‘indlondlo ye-ABC Motsepe’ ingakuphinda lokho?

Umqeqeshi osezakhele igama ngokwenyusa amaqembu ezigabeni zeSafa awafake kwi-PSL, uTshepo Motsoeneng ufuna ukukuphinda lokho nakule sizini. 

Ekhuluma neMpempe muva nje, Motsoeneng uthi kule sizini isifiso sakhe esikhulu ngeqembu aliqeqeshayo, iNjampela FC, wukuthi liyomela iKwaZulu-Natal emidlalweni yokuhlunga ezoba seKapa. 

INjampela ihlezi esicongweni eqoqweni elaziwa ngokuthi yiStream A kanti inamaphuzu angu-35 ngemuva kwemidlalo engu-17.

UMotsoeneng uma ekwazile ukuthatha leli qembu elizinze kwaNongoma alifake kweyokuhlunga kuzobe kungekhona okokuqala enqoba lesi isicoco nalo.

INjampela yiyoba edle isicoco sePrimo Cup ebidlalelwa amaqembu e-ABC Motsepe League  eKZN ukulungiselela isizini. 

Futhi uzobe engaqali ukuya kule midlalo yokuhlunga njengoba eseke waya neBizana Pondo Chiefs agcina eyifake kwiMotsepe Foundation Championship. 

Amanye amaqembu aseke waya nawo kweyokuhlunga kazwelonke kukhona iBCM Stars yase-Eastern  Cape, Tornado  FC  yaseNorthen Cape (kabili) neZizwe United yaseWestern Cape.

Kuzocaca kule mpelasonto ukuthi iNjampela iyakwazi yini ukudla isicoco nokuthi izobhekana naliphi iqembu emdlalweni wokuhlunga elizomela iKZN kwekazwelonke.