EzakamuvaIbhola

UZwane uvuselele inkontileka neDowns, emfanisa newayini elimnandi 

SIHLE NGUBO 

IMamelodi Sundowns ikholwa wukuthi uThemba “Mshishi” Zwane ufana newayini elimnandi, elizoyiza kakhulu kunakuqala uma selihlale isikhathi eside, selilidala.

Abafana Ba’Style bafakazele lokhu ngokuvuselela inkontileka yalo mdlali weBafana Bafana ngonyaka. Lokhu kuchaza ukuthi uzohlala eChloorkop kuze kube u-2026.

Kwividiyo ehlanganiswe ngoMshishi bamchaza njengewayini elimnandi, elithi uma lilokhu lihanjelwa iminyaka lehle esiphundu kakhulu.

Bekukhona ukungabaza ngekusasa likaZwane njengoba eke wahlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala edlalela iBafana.

Obekwenza kube nokungabaza ukuthi uZwane usekhulile njengoba eseneminyaka engu-35.

Nokho iSundowns isakholelwa kuyena futhi usenalo nethuba lokubuyela eqenjini lesizwe njengoba kuvela ukuthi usengumqemane.

Ezivela eChloorkop zithi uZwane angase abonakale uma Abafana Ba’Style sebetholana phezulu ne-Al Ahly emdlalweni owandulela owamanqamu weCAF Champions League, eLoftus Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Umqeqeshi uMiguel Cardoso uthi uMshishi usengayidlala imizuzu engu-90 uma ebona indlela enza ngayo ejimini.

Abafana Ba’Style kumele bawunqobe lo mdlalo womlenze wokuqala ekhaya, ukuze bafike e-Egypt baqedele umsebenzi.

Komunye umdlalo weCAF Champions League kuzobhekana i-Orlando Pirates nePyramids eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Nayo iBucs kumele yenze kahle lapha ekhaya ukuze ingabambi iyeka uma isifika eGibhithe.