EzakamuvaIbhola

ISundowns ishela umgadli owahluleka kwiBafana

IMamelodi Sundowns isezinhlelweni zokusayina umgadli wakuleli okhulele phesheya nooke walunguza kwiBafana Bafana uLars Veldwijk.

Lo mdlali oneminyaka engu-32 okwamanje akanaqembu kulandela ukwehlukana neqembu elidlala kwi-K-League eSouth Korea, i-FC Suwon. 

Kuthiwa inkontileka yakhe inqanyulwe ngokuvumelana phakathi kwakhe neqembu kanti akuthathanga sikhathi kwavela isesheli esisha. 

Ngokubika kwe-iDiski Times, iSundowns seyivele iqalile ukuxoxisana nabaphethe lo mdlali futhi kukhona osekubekwe etafuleni. 

ISundowns imbona njengomgadli ongase engeze indlela ehlukile ekuhlaseleni kwayo njengoba uPeter Shalulile noLucas Ribeiro Costa becishe badlale ngendlela efanayo. Njengoba uVeldwijk ekwazi ukubhaliswa njengowakuleli, futhi u-Abubeker Nasir angase abolekiwe, singase sisheshe sivele isikhala sakhe. 

Kodwa-ke, asikho isivumelwano esisemthethweni esisafinyelelwe nabamele amaBrazilians naVeldwijk.

Lo mgadli oke wadlala kwiNottingham Forest useshaye amagoli angu-154, wakhela ozakwabo amathuba amahlandla angu-60 emidlalweni engu-382 ezingeni elikhokhelayo. 

UVeldwijk uqale ukudlala kwiBafana ngo-2016, kanti udlale imidlalo eyisikhombisa kodwa wehluleka wukubhakuzisa inethi eqenjini lesizwe.