Babonga uMdali ngokusinda engozini yendiza abe-The Gambia
Uhlengezele izinyembezi umdlali weqembu lesizwe lase-The Gambia ngesikhathi elandisa ngesigameko sendiza esiphazamise uhambo lwabo lokuya kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast.
I-The Gambia izithole sekumele indiza ijike ngokushesha ibuyele emuva isanda kusuka esikhumulweni sezindiza.
Lokhu bekulandela ukuthi ibe nenkinga ethile. Lesi sehlakalo sibethusile abadlali kwazise bekungenzeka noma yini.
Kuthiwa ithe isanda kusuka indiza, kwazumeka abantu abanye bazizwa bentekenteke kuthi abaquleke, kwacaca ukuthi kunenkinga yokuphefumula.
Abashayeli bayo benze ubuhlakani obuncomekayo njengoba beyibuyisele emuva ngokushesha, kwagwemeka inhlekelele.
Engxoxweni abe nayo neFAR Post, unozinti waleli qembu, uModou Jobe uthe bebesabela izimpilo zabo.
“Wonke umuntu usekahle manje,” kusho loo nozinti oneminyaka engu-35 oke wadlala kwiBlack Leopards kuleli.
“Kwakufanele sihambe ngendiza ngoLwesithathu, kodwa ngenxa yesimo, asikwazanga ukundiza ngalolo suku.
“Ngakho kudingeke ukuthi sindize ngakusasa ngoLwesine, kodwa kwaba yinto embi kakhulu,” kusho uJobe.
“Ngemuva kwemizuzu eyisishiyagalombili noma eyisishiyagalolunye sisukile esikhumulweni sezindiza, umshayeli wendiza waqaphela ukuthi kukhona okungasebenzi kahle.
“Wonke umuntu wayejulukile, kunzima ukuphefumula kahle.
“Ngakho bamemezele ukuthi kuzomele sibuyele emuva ngokushesha.
“Sibonga uNkulunkulu ngokuthi sikwazile ukufika kusenesikhathi ukuze sigweme noma yini.
“Kodwa yebo, ngemuva kwaleso sigameko, umengameli wethu wangenelela, kwadingeka abize umengameli wase-Ivory Coast ukuze asitholele indiza ekhethekile eyayizosilanda eGambia ngoLwesine,” usho kanje.
“Sibonga uNkulunkulu ngokuthi wonke umuntu ubephephile futhi akulimalanga muntu.
“Kwakunokuningi ukukhathazeka nokungabaza, kodwa siyambonga uNkulunkulu ngalokho.
“Kwaba umzuzu onzima, into esingasoze sayikhohlwa ezimpilweni zethu.
FUNDA NALA: Middendorp: ISundowns ingavele ingihleke
“Kodwa siphinde sibonge nomengameli wethu wezwe ngokusenza sindize ngokuphepha safinyelela e-Ivory Coast ukuyomela izwe lethu ku-Afcon.”

