‘Izinyawo zizogcwala udaka kuCardoso,’ kusho osondelene neDowns
SIHLE NGUBO
Usengozini yokuqoqiswa amasakana akhe akhonjwe eza ngayo umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, kulandela ukukhishwa kwiMTN8 ngoMgqibelo.
IBucs idlulele kowamanqamu weMTN8 kulandela ukushaya iSundowns ngo 4-1 sekukhahlelwa amaphenathi kowandulela owamanqamu, eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo.
Umdlalo uphele ngo 1-1 kanti amagoli ashaywe ngu-Iqraam Rayners eleDowns noKamogelo Sebelebele eleBucs.
ISundowns iyeke inqwaba yamathuba okuqeda ngePirates ngemuva kokuhamba phambili ngesiwombe sokuqala.
UCardoso ubukeka enengcindezi enkulu njengoba iSundowns ingaqalanga kahle nasemidlalweni yeBetway Premiership.
Ibambane ngo 1-1 neChippa United emdlalweni eshaye kuwona igoli kuqala.
Ngokujwayelekile uma iSundowns ishaya igoli kuqala ivamise ukuyinqoba imidlalo.
Nokho muva nje sekuhlukile njengoba seyivele ishaywe noma idlale ngokulingana kade ihamba phambili.
Kowamanqamu weCarling Knockout yayihamba phambili ngo 1-0 kodwa yagcina ishaywe yiMagesi FC ngo 2-1.
Kowandulela owamanqamu weNedbank Cup yalishaya kuqala igoli ibhekene neKaizer Chiefs kodwa yashaywa ngo 2-1.
KwiCAF Champions League ibhekene nePyramids SC yayihamba phambili ngo 1-0 kodwa yagcina ishaywe ngo 2-1.
Ibhekene neBorussia Dortmund kwiFifa Club World, e-USA, yalishaya kuqala igoli kodwa yadliwa ngo 4-3.
Abasondelene neSundowns baveze ukuthi uCardoso uzokhonjwa eza ngayo uma engayinqobi iMTN8.
“Kuthiwa lo baba (uCardoso) utsheliwe ukuthi uma engayithathi iMTN8 izinyawo zizogcwala udaka – uzohamba,” kusho umthombo ongashayi phansi osondelene neSundowns ngoLwesihlanu.
Abafana Ba’Style banomdlalo onzima olandelayo njengoba bezobhekana neChiefs koweBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
IChiefs iyiqale kahle isizini njengoba isayinqobe yomithathu imidlalo yeligi esiyidlalile.
Ishaye iStellenbosch FC ngo 2-0 emdlalweni wokuqala, kwathi kowesibili yadlula ngo 1-0 kwiPolokwane City.
Kowesithathu iphinde yanqoba ngo 1-0 kwiRichards Bay FC, nokuchaza ukuthi ayikalidedeli igoli kule sizini.
Kulo mdlalo kuzobe sekukhona umqeqeshi uNasreddine Nabi obengekho emidlalweni yokuqala emithathu, kulandela ukuba sengozini yemoto komkhake.

