UNomvete ubona iChiefs izoyithatha iNedbank Cup
SIHLE NGUBO
USiyabonga “Bhele” Nomvete, owake wadlalela iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uthi ubona Amakhosi ezokhala emuke nendebe yeNedbank Cup ka-2025.
IChiefs izobhekana nezimbangi ezindala iPirates emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
UNomvete umgomunye wadlali abambalwa asebeke badlalela izinkunzi zaseSoweto iChiefs, yiPirates neMoroka Swallows.
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iStandard Bank Under 19 Tournament eKingsmead, uNomvete uthe uhamba naMakhosi futhi uyethemba ukuthi azoyiqukula indebe ngoMgqibelo.
“Kuzoba umdlalo omuhle kakhulu kodwa ngikholwa ukuthi iqembu lami iKhosi lingamangaza abantu abaningi,” kusho uNomvete owagqama kwi-African Wanderers.
“Kunokuthi banqobe lo mdlalo abadliwa kuwona (yiPirates) okwakuzokwenza ukuthi baphakame, kwaba ngcono kona ukuthi bashaywe ukuze bafike kulo mdlalo belambile.
“Amatafula azophenduka eMabhida ngoba phela ngeke ushaye iqembu imidlalo emine kulandelana.”
Mayelana nomqhudelwayo we-Under 19 uNomvete uwushayele ihlombe kakhulu umsebenzi we-EThekwini Safa Region.
“Kubalulekile kakhulu lokhu ngoba ngingomunye wababonakala emiqhudelwaneni yezikole, kwangithatha kwangibeka ezingeni eliphezulu,” kugcizelela uNomvete.
“Ngiyethemba ukuthi oSiyabonga Nomvete bakusasa bazoqhamuka emiqhudelwaneni efana nalena.”
Ngokusho kukaMazwi Mkhize, ongumengameli weSafa EThekwini, le midlalo izoqala emasontweni amabili ezayo.
“Zonke izikole zivulelekile ukuba yingxenye yalo mqhulwano. Okubalulekile nje ukuthi kulandelwe imigomo kuphinde kubhekwe ukuthi abekho abazopheka iminyaka,” kusho uMkhize.

