CAF Champions LeagueEzakamuva

IPyramids iwabeke kuLakay amathemba ayo koweSundowns

UFargie Lakay, ongumgadli weBafana Bafana nePyramids SC yase-Egypt ubuye kuleli isikhashana, kanti ubheke ukubuyela emuva emoyizela. 

Lo mgadli nguye ozohola iPyramids emdlalweni weCaf Champions League elizowudlala neMamelodi Sundowns eLoftus Versfeld Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama. 

ULakay, owaqala ukudlala kwiBafana esengumfanyana oneminyaka engu-16, ubonakalisa izinga eliphezulu kakhulu selokhu asayina kwiPyramids eminyakeni embili edlule. 

Usephenduke isilomo kubalandeli baleli qembu njengoba eyishayela amagoli amqoka ikakhulukazi kwiChampions League. 

ULakay ngumdlali wesibili wakuleli ukudlala eqenjini lase-Egypt njengoba kukhona noPercy Tau oyisilomo futhi ongaconsi phansi kubalandeli be-Al Ahly. 

Kuzothenjelwa kuLakay yedwa nje yingoba iPyramids izodlala lo mdlalo ngaphandle komgadli walo waseDR Congo, uFiston Mayele oseshaye amagoli amane kulo mqhudelwano. 

Lo mgadli uke wamataniswa neKaizer Chiefs  ngaphambi kokuqala kwesizini njengoba abaphathi bakhe kuthiwa bakhuluma naleli qembu laseNaturena ngaye. 

Nokho, wagcina engasayinanga njengoba wagcina ngokuthi asayine kwiPyramids esuka kwiYoung African s yaseTanzania. 

Into eyenze engakwazi ukufika kuleli wukuthi ube nenkinga ngokuthola incwadi eyimvumo yokuthi ahambele kuleli ebizwa ngeVisa. 

Njengokulindelekile ke, abalandeli bePyramids sebeqalile basola umengameli weCaf, uPatrice Motsepe ngokuthi nguye odale lokhu. 

Bathi ubenzela ukwehlisela isisindo iSundowns okuyiqembu eliphethwe yizingane zakhe nayengumengameli walo ngaphambi kokuya kwiCaf.

Bobabili iSundowns nePyramids bayakudinga ukunqoba kulo mdlalo kwazise ozohlulwa engazithola esesalele emuva eqoqweni. 

Baseqoqweni A la amaqembu womane – okukhona iNuadhibou neTP Mazembe – enamaphuzu amathathu ngemuva kwemidlalo emibili. 

ISundowns iya kulo mdlalo ibuya endukwini ka 1-0 eyithole eDR Congo kwiTP Mazembe.

IPyramids nayo ithole isibhaxu ebingasilindele sika 2-0 kwiNaudhibou yaseMauritania la izame yancama ukuthola igoli.