EzakamuvaIbhola

Unqabe ukuya kwi-Afcon, kodwa ngeke adlale eqenjini lakhe

Kube ngathi izinyanya zaseGhana ziyaziphendulela kumdlali wakuleli lizwe onqabe ukuya kwi-Africa Cup of Naions (Afcon) neqembu lesizwe iBlack Stars, efuna ukugcijna indawo yakhe eqenjini adlala kulo e-England.

Kvela ukuthi u-Abdul Fatawu, odlala kwiLeicester City kwi-English Championship, wenqabile ebizwa kwiBlack Stars. 

Kuthiwa wakhala ngokuthi unqena ukuthi usanda kungena esikimini kwiLeicester ngakho ucela ukushiywa ngaphandle azame ukuqinisa indawo yakhe kuleli qembu.

IBlack Stars ngelinye lamaqembu abhekiwe kwi-Afcon eqhubekayo e-Ivory Coast kanti uFatawu ubesezinhlelweni zomqeqeshi uChris Houghton.

UFatawu – oneminyaka engu-19 – udlale imidlalo engu-14 esigabeni sokuhlungela lo mqhudelwano asenqabile ukuyodlala kuwo.

Ubekhona eqenjini eliqale umdlalo iLeicester ibhekene neCoventry City ebashaye ngo 3-1.

Nokho akawuqedanga lo mdlalo njengoba ekhishwe ngekhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi oweCity. 

Leli khadi lisho ukuthi uzohlala imidlalo emithathu engadlali. Lesi sigwebo sakhe siyoze siphele ngoFebhuwari 10.

Imidlalo azobe engekho kuyo ngowe-Ipswich Town ngoJanuwari 22, noweFA Cup ngoJanuwari 27 noma 28. 

Uzobe engekho noma sebebhekene neStoke City ngoFebhuwari 3. Uyoze abuye emdlalweni weWatford ngoFebhuwari 10. 

I-Afcon yona iphela ngoFebhuwari 11 la kuyodlalwa khona umdlalo wamanqamu. 

Lo mfanyana onekhono elihle usephenduke inhlekisa ezinkundleni zokuxhumana njengoba ehlekwa ngokuthi ujikelwe yidlozi.

Abanye bathi ukube ubeyile kwi-Afcon, bekungenzeka ahehe amehlo eqembu elidlala esigabeni esingcono. 

IGhana izovula ngeCape Verde ngeSonto ngo-9 kusihlwa kulo mqhudelwano.