EzakamuvaIbhola

UGiven Msimango uchazwe yindlela okwenziwa ngayo kwiChiefs

Sihle Ngubo

Umdlali wasemuva omusha weKaizer Chiefs, uGiven Msimango, usephumele obala ngokuchazeka kwakhe ngendlela abadlali abane abadala eqenjini abamemukele ngayo. 

Uthi lokhu kwenze washesha ukujwayela kuleli khaya lakhe elisha. UGiven Msimango ungomunye wabadlali abayisikhombisa abasanda kumenyezelwa yiChiefs. 

Ujoyine iChiefs ngenkontileka yeminyaka emine esuka kwiTS Galaxy. Njengamanje, ugxile ekhempini yeqembu yokulungiselela isizini ezayo eMpumalanga. 

Engxoxweni abe nayo nesiteshi seYouTube seqembu, uGiven Msimango uzwakalise ukujabula ngokwamukelwa ngemfudumalo akuthola kubaphathi beqembu nozakwabo abasha.

Ubonge kakhulu abadlali abane abadala ngokumemukela nokumeseka ekumsizeni ajwayele impilo yaseNaturena. 

Kulaba badlali kubalwa u-Itumeleng Khune, uKeagan Dolly, uBrandon Peterse, noBruce Bvuma.

“Abadlali abadala babambe elikhulu iqhaza ekufikeni kwami ​​eqenjini. Sebengikhombisile ukuthi izinto zihamba kanjani lana,” kusho uGiven Msimango.

“Abadlali abafana no-Itu, Keagan, noBrandon Petersen, ngokunjalo noBruce naye ngimthatha njengelungu elidala eqenjini.

“Bangisize ngokwazi isiko leqembu, ukuthi kuqhubekani, ukuthi lisebenza kanjani, yonke into oyitholayo ekilabhini, uthola umongo wokuthi yini ongayilindela.”

UMsimango uphinde wagqamisa izinga eliphezulu elibekwe yiqembu ekuphathweni nasekudlaleni. 

“Akukhona ukuhlonipha ibheji nje kuphela, kodwa nendlela abenza ngayo izinto, indlela abaqhuba ngayo ngaphandle nangaphathi enkundleni…” 

FUNDA NALA: USamir Nurkovic uyozama inhlanhla kwiRaja kaZinnbauer

Njengoba kuqhubeka amalungiselelo andulela isizini entsha, futhi iqembu liqhubeka nokwakha ubudlelwano nokubumbana kubadlali, uMsimango uthi yisikhathi esibaluleke kakhulu..

IChiefs izovula isizini ngomdlalo weDStv Premiership la izobhekana khona neChippa United eMoses Mabhida Stadium ngeSonto likaJulayi 6.