USong ubalisa ngokulinyalelwa umgadli kwiCameroon
Uyabalisa umqeqeshi weCameroon uRigobert Song ngomgadli wakhe obengukaputeni, uVincent Aboubaker angasezukuba naye kwi-Africa Cup of Nations.
U-Aboubaker ulimale ngesikhathi i-Indomitable Lions izicija e-Ivory Coast kule mpelasonto.
Ulimale ngendlela yokuthi ngeke esakwazi ukudlala kulo mqhudelwano, washiya uSong ethatha ebeka njengoba ebenezinhlelo ngaye.
“Ngibona usizi njengoba wonke amacebo ami bengiwakhela phezu kwakhe,” kusho uSong.
“Manje siyabamba siyayeka njengoba akekho umgadli ongavala isikhala sikaVincent Aboubaker njengamanje.
“Ungumgadli osezingeni eliphezulu kakhulu.” U-Aboubaker ulimale leli qembu seliseqenjini lesithathu lokuzilungiselela.
Njengoba ebalisa nje uSong, uyazi ukuthi amanye amazwe ayizimbangi zakhe agadla ngabagadli abahamba phambili emhlabeni.
KwiNigeria kubhekwe uVictor Osimhem odlala kwiNapoli yase-Italy, i-Egypt yona ithembeke kuMo Salah weLiverpool.
FUNDA NALA: Umqeqeshi usola uKadodia ngokuzenza ‘umfana wePolo’
ISenegal iholwa nguSadio Mane, iGhana iholwa nguMohammed Kudus – bonke laba bagadli kubhekeke ukuthi basize amazwe abo ukuthi anqobe i-Afcon.